Izindaba

UDr Michael Sutcliffe nenselelo yokutakula ‘izwe lezoni’

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ulande uDkt Michael Sutcliffe.

USutcliffe ulandwe ukuzotakula uMasipala waseMsunduzi.

Kuzokhumbuleka ukuthi uSutcliffe wayeyimenenja engaconsi phansi kuMasipala weTheku ngaphansi kweMeya u-Obed Mlaba.

Phakathi kwezinkinga azobhekana nazo ukungcola okuthiwa sekubalekise abatshali zimali nezinkinga zamanzi nogesi edolobheni eMgungundlovu.

“Umsebenzi wakhe wokuqala ukuba aqhamuke neqhinga lokushintsha isimo somkhandlu.

Ngifuna agxile kakhulu ekuhanjisweni kwezidingo, ukuphathwa kahle kwemali nokubuyisa ithemba kosomabhizinisi.

Ukujutshwa kukaSutcliffe kuzolekelela bonke abantu baseMsunduzi. Nginxusa amakhansela omkhandlu ukuba abambisane naye” kusho uButhelezi othi uyamethemba uSutcliffe.

USutcliffe akasiye umafikizolo kulo msebenzi.

Useke waba imenenja kuMasipala waseThekwini isikhathi esingaphezu kweminyaka eyisishagalolunye futhi uke wajutshwa ukuba ayolekelela komasipala abahlukene.

IMeya kaMasipala waseMsunduzi, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, ithe bayakwamukela ukujutshwa kukaSutcliffe.

“Siwumkhandlu ozimisele nohlezi uzibophezela ukuhambisa izinsiza kubantu.

Sihlezi sizimisele ukusebenza ngendlela egculisayo. Sihlezi siba nezinselelo njengayo yonke imikhandlu yalapha eNingizimu Afrika.

Sikujabulela kakhulu ukwesekwa ezinye izinhlaka zikahulumeni” ucashunwe esho kanje kwiSolezwe.

UThebolla uthe abakungabazi ukuthi uSutcliffe uzobalekelela kakhulu ekulungiseni izinkinga ezikhungethe umkhandlu.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button