
Kuphele ofakazi engakobizwa uKelly kwelokufa kwaMeyiwa
Aphe Gcwabe
Luqede emuva kweminyaka emithathu uhlangothi lombuso ecaleni lokuphenya ofakazi ecaleni lokubulawa kaSenzo Meyiwa.
Leli cala liqulwa eNkantolo enkulu yasePotoli.
U-Advocate Goerge Baloyi ohola abameli bombuso uthe:
“Kuleli qophelo, nkosi yeNkantolo, lokhu sekuwukuphetha ukuhola kwethu ubufakazi kuleli cala lombuso”
“Sekuphele iminyaka emithathu selokhu saqala ukuhola ofakazi, sesifike esiphethweni ngokusemthethweni kuleli cala”, kusho yena.
Abantu abaningi bakhala ngokuthi yize umbuso uke wakuveza kuleli cala ukuthi owayeyinyombi kaMeyiwa, u-Kelly Khumalo ungungqondongqondo etulweni lokubulawa kwaMeyiwa kodwa kuyindida ukuthi umbuso awufuni ukumbiza ezofakaza.
Njengamanje sekuzoqhubeka uhlangothi lwabamele abasolwa okuyilo oluzopheka ngemibuzo ofakazi balo.
Abameli babasolwa beholwa u-Advocate Mnisi bathe bona bazombiza u-Kelly Khumalo.
Kuphela ofakazi nje kuthusile ukuzwa umphenyi wombuso ukuthi abakwazi ukuthola ulwazi lwemoto eyabopha uMuzi Sibiya ngesikhathi ngoMay 2020.
Lokhu kuza emuva kokuthi ummeli kaSibiya u-Advocate Charles Mnisi eveze ukuthi amandla okuvikela umsolwa alele kuleli data.
Ummeli wombuso u-Advocate George Baloyi utshele inkantolo ukuthi bathole incwadi efungelwe evela kumaphoyisa kaMaspala wase-Ekurhuleni.
Incwadi ibazisa ukuthi bahluleka bancama ukuthola idata yemoto eveza ukuthi imoto yayihamba kuphi kanjani.
Kuvele nokuthi imoto okukhulunywa ngayo yayihlelelwe ithimba leSWAT ngo-2020 kungaleso sizathu ingekho i-AVL (Automatic Vehicle Location) yangaleso sikhathi.
“Nkosi yeNkantolo upequlule zonke izimoto kodwa akutholakalanga lutho,” kusho Baloyi.
Kuzokhumbuleka ukuthi leli cala selidonse iminyaka lingapheli nesekuholele ekutheni kushintshwe iJaji, kwashona no-Advocate Thulani Mngomezulu.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



