Izindaba

Kulindeleke ukunyuka kwemali yokugibela izitimela

Mbali Mgodeli

Abe (Prasa) bamemezele ukuthi luzoqala ngomhla ka-1 August ushintsho lwezindleko zokugibela izitimela.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi ojantshi kanye nezitimela babe nezinkinga.

Sikhuluma nje sekuphele inyanga abagibeli base Mlaza bengenazo izitimela bebuyiselwa izimali zabo ababethenge ngazo amathikithi enyanga.

Amathikithi endlela eyodwa (single trip) kuzokongezwa uR2.50 kanti ukuya nokubuya kuzonyuka ngo R5.50

Imali inyuswe ukulekelela izidingo zokusebenza ezibalulekile kanye nezindleko zeziteshi nezitimela.

“Ngisho isinyukile imali yokugibela yakwa-Prasa Rail kodwa isazolokhu ingambi eqolo kuzo zonke izinhlobo zokuthutha” kusho isikhulu sePrasa Rail uNwabisa Gqamane-Ntiyane.

Sizibophezele ekuhlinzekeni ngezinsiza zabagibeli ezithengekayo eziphephile nezisebenza kahle,” kusho isikhulu sePrasa Rail uNwabisa Gqamane-Ntiyane.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha u-Andiswa Makanda uthe uMnyango wezokuThutha ukugunyazile ukunyuswa kwemali yokugibela ngemuva kokubonisana okuphelele nababambiqhaza.

I-Prasa Rail iphinde yamemezela ukwethulwa kabusha kwamathikithi amasonto onke nenyanga zonke lapho kunikezwa izaphulelo ezinkulu phecelezi ama-discounts.

“Izaphulelo zizosebenza kakhulu kulabo abahamba phakathi kuka-9am no-2pm. Izaphulelo zemali yokugibela zangalesi sikhathi zehliswe ngo-50% -40%.

Abagibeli bangathola imininingwane mayelana nemali yokugibela, amathikithi esizini, kanye nemininingwane eqondene nesiteshi ngokuvakashela isiteshi esiseduze sakwaMetrorail,” kusho uMakanda.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button