
Umsakazi weGagasi FM empini nababukeli bohlelo lwakhe kuTV
Umsakazi weGagasi FM nongusomahlaya uFelix Hlophe useyalele abantu ukuthi abangalubuki uhlelo lwakhe.
Kuzokhumbuleka ukuthi uHlophe unohlelo olukhonjiswa kuMzansi Magic iLife with Felix Hlophe oludlala kuMzansi Magic ngoLwesine ng-8 ebusuku.
“Anikwazi ukulokhu nivumela ukucasulwa into eyodwa njalo ngesonto. Okungcono fanele uyiyeke”
“Uyekele abayithandayo bayibukele. Uyayazi ukuthi idlala ngasikhathi sini yigweme nje kwaphela. Iremothi ihlala kuwena esandleni,” kubeka uHlophe ngentukuthelo.
Uphawule kanje uHlophe ngenxa yabathile abagxeka lolu hlelo oluqale ngoMay.
Ngokombiko weNews Avenue abanye balibeka ngembaba elokuthi kufanele luvalwe.
Uhlelo lukaHlophe luveza impilo yomndeni wakhe, nemizamo yakhe yokuthatha isithembu njengoba enomfazi wakhe uTracy Smith-Hlophe.
UHlophe ungene ekhasini lakhe lakuFacebook watshela abagxeka lolu hlelo ukuthi bayeka ukulibuka.
Nangaphansi kwalo mbhalo kaHlophe, bakhona abaqhubekile bamtshela ukuthi abagculisekile ngohlelo lwakhe (Hlophe), baphakamisa ukuthi aluvalwe.
UHlophe uveze ukuthi nabo indlela abazama ukuziphilisa ngayo bewumndeni.
Khonamanjalo, uHlophe usakaza ngokubambisana noNkulee Mbatha kulezi zinsuku kulandela ukubeka phansi umbhobho okwesikhashana kwaMinnie Ntuli.
UNtuli ukhombise ububhoklolo nobuqhwaga kuLondie London ohlelweni iReal Housewives of Durban (RHOD).
Le ntokazi imane yaphakanyelwa umoya yahlokoloza iphindelela uLondie London ngomunwe esphongweni nokuyinto ecasule abaningi.
Yize iGagasi FM likhiphe isitatimende esikhomba ukuxolisa nokuzehlisa kwaMinnie kodwa kube zinhlanga zimuka nomoya.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



