
Iziboshwa eziyingozi eziqathazwe uTrump eSwatini
Izwe laseMelika limemezele ukuthi ifikile indiza kwelase Swatini ekuqaleni kwaleli sonto.
Le ndiza ibithwele abantu abebekuleliya zwe ngokungemthetho, kulandela isinqumo seNkantolo ePhakeme yaseMelika mayelana nokuphindiswa emazweni abo kwabokufika.
Lokhu sekulethe okukhulu ukukhathazeka kubantu baseSwazini nabaseNingizimu Afrika ngesenzo sikaMengameli wase-United States of America uMnuz Donald Trump.
Kuyaziwa ukuthi labantu bayingozi kodwa yena ukhethe ukubathumela emazweni asathuthuka ngenhloso ‘yokuphucula’ ezokuphepha eMelika.
Kwenzeka lokhu nje ngenyanga edlule inkantolo inqume ukuthi uhulumeni kaTrump usungakwazi ukuthatha abantu bokufika abaseMelika ubayise kwamanye amazwe.
“Le ndiza ibithwele abantu abayingozi kangangoba amazwe abadabuka kuwona abengafuni ukubemukela,” kusho Nkk Tricia McLaughlin okhulumela umnyango wezokuphepha eMelika.
Ephawula enkundleni yokuxhumana kuX, uMcLaughlin ubalule abantu abahlanu baseVietnam, eJamaica, eLaos, eCuba naseYemen, athe bagwetshelwe amacala okubalwa kuwona awokudlwengula izingane nawokubulala.
Kuthiwa ukuyiswa kwalaba bantu emazweni asathuthuka kuhambisana nombandela wokuthi ngeke behlukunyezwe noma bajeziswe ngaphandle kwesidingo.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



