
Ifu elimnyama kwezemidlalo eKZN kushona uTV Mkhize
Sihle Mkhize
Igubezelwe yifu elimnyama indima yezemidlalo esifundazweni saKwaZulu-Natal kudlula emhlabeni uDr Vusumuzi Themba Mkhize.
UMkhize ushone ngokuzuma ngoMsombuluko.
UMkhize ubedume ngoTV kanti ubeyisekela mongameli enhlanganweni yebhola lomnqakiswano esifundazweni saKwaZulu-Natal.
UTV ubebuye abe yilunga eliphezulu kwisigungu seKZN Confedaration, ngaphezu kwalokho ubengumqeqeshi weqembu iZiphozonke Netball Club.
“UDr Mkhize ubezinikele kwezemidlalo futhi engomunye wabahlonishwayo ngisho nakuhulumeni imbala”
“Ubhekane ngqo nezenidlalo iminyaka engaphezulu kwa-30 ekukhuphuleni izinga lebhola nokuhola unhlahlandlela ekukhuliseni kwizinhlaka ezahlukene” kusho uMengameli weNetball eKZN uGugu Ngema.
UNgema ukhale nangokuthi akusibo kuphela abalahlekelwe kodwa ezemidlalo jikelele nesifundazwe saKwaZulu-Natal jikelele.
“Uzokhumbuleka ngeqhaza alibambile ewa evuka, imibono yakhe nokuba umholi. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakaMkhize, iqembu lakhe, ozakwabo emsebenzini nasendimeni yebhola lomnqakiswano,” kuphetha uNgema
UTV uzokhumbuleka nangokusungula iKZN Super League edlale indima enkulu ekukhuleni kwebhola lomnqakiswano kwabesilisa esifundazweni.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



