Ezezimoto

Bakhiphe ubhozo kwaMahindra bahlanganisa istayela nobuhle

Sihle Mkhize

Bakhiphe ubhozo kwaMahindra ngesikhathi bahlanganisa imoto yohlobo lweXUV 3xO esesigabeni samaSUV.

Ngisho ngoba le ngqovungqovu imane igqame yodwa kweziningi emgwaqeni, iphendula amakhanda ubone ubantu beqhwebana uma idlula.

Okokuqala okugqamisa le moto uphawu lwayo olumise sazimpondo zesilwane sasendle, amalambu negrille ekhangayo.

Le ebengiyivivinya ibishaya ngamathayi awugqinsi angu-205/65 R17, kokunye iphuma no215-/55 R17 egaraji kanti namarimu sengathi athi ngibuke.

Nakuba ikhanga kodwa ayiyona uhuntshu njengoba ingaphansana kwa-4 metres kanti nasebhuthini inesikhala esingaba u-364 litres.

Ingaphakathi leMahindra 3X0 lizokushiya ubambe ongezansi ngenxa yobuhle

Kwanele amakesi amathathu kaniminayidi ebhuthini ngesikhathi ngiyihlola, usuyazibonela ke ukuthi iMahindra ehlala abantu abahlanu akusiyo eyokuthutha kodwa eyestayela.

Ejubaneni ngeke ngiyinqumele ogongolweni ngithi isindandanda njengoba ishaya isisindo esingango 1,389 kg ngaleyo ndlela ijubane layo liyanelisa.

Injingi yalesi silwane somhlola ingu-1.2 kapetrol ngaphansi komndeni imStallion (3 cylinder) kanti ikhafula umlilo ongu82 kW no200 Nm.

Amagiya aya phambili ayisithupha kanti iyazishintsha, uma uke wama noma iserobhothini wacindezela iclucth isicishile.

Lokhu kusiza okongeni upertol, engikuthandile yi-handbrake yakhona eyibhathini, uma ike yaba kuP egiyeni izingenela yona ingatsheliwe kwihandbrake.

IMahindra XUV 3xO isempini ngobuxhakaxhaka betechnology iscreen sakhona sixoxa nawe indaba ngizibonele ngo”see”.

Abantu abaningi bathanda ukuvuleka kwayo ingqondo (sunroof) okungenye yobuhle egadla ngabo kwizimbangi.

Umsindo okuyo umema omakhelwane bezitshela ukuthi ukhiphe izipikha emnyango wenze iphathi kanti cha imoto.

Phezu kwakho konke lobu bukhazikhazi esingikubalile ngenhla nengakubalanga ngenxa yesikhala le moto idayisa uR274,999.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button