
‘ULorch udlala kamnandi’
Kugqame isihlabani sase Ningizimu Africa, uThembinkosi Lorch, mdlalweni obe nomphumela omubi iWydad Athletic
Ibhaxabulwa yiJuventus ngo-4–1.
Lo mdlalo ubudlalwa ngeSonto ebusuku kanti uThembinkosi Lorch uphinde wakhombisa ukuba bukhali, ukuzimisela, ubuhlakani nokuba yingozi.
Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala nguye obeyinjini yeWydad, uye oqala yonke iminyakazo yokuhlasela yalezi zinkunzi zaseMorocco.
Ubekhipha amabhola amahle abheke phambili. Iminyakaza yakhe beyibukeka iyixaka iJuventus ngasekuqaleni komdlalo.
Naphezu kokuba ebegadiswe okwesiboshwa esisatshwayo, uThembinkosi Lorch, uqhubekile nokuvula izikhala, akhe amathuba, efaka ingcindezi odongeni lwasemuva lweJuventus.
Nokho iJuventus ikhombise amava ayo, yashaya amagoli amabili asheshayo esiwombeni sokuqala ukufaka lezi zimbangi zayo ingcindezi.
Kodwa uLorch uqhubekile nokuyixina futhi wabuyisela iWydad emdlalweni ngegoli elihle – alikhombise ukuchule bakhe ngomzuzu wama-25.
Ubhekane ngqo nonozinti weJuventus, akangatatazela, wavela waleqisa phezu kwakhe ibhola layonamathela enetihini.
Kodwa iJuventus ibuye yashaya amanye amagoli amabili ngesiwombe sesibili okwenze iWydad iphume kulo mqhudelwano.
Kodwa uLorch naye ubeyixina, ededela amashodi ambalwa yize ebephuma eceleni.
Ngemuva kokungenzi kahle kwiMamelodi Sundowns, uLorch usephenduke umdlali obalulekile kwiWydad.
Kungenzeka izame ukuphinde imboleke noma imthenge ngokugcwele ngoba sekucacile ukuthi umqeqeshi uyamthanda futhi uyamethemba kakhulu.
Ujoyine leli qembu ngoJanuwari, elandwa nguRulani Mokwena obecija leli qembu ngaleso sikhathi.
Lisenethini.com
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169


