
ISundowns iqhwakele phezulu kwiFifa Club World
IMamelodi Sundowns iqhwakele kuGroup F ngemuva kokuthi iBorussia Dortmund neFluminense bedlale ngokulingana ngo 0-0 ngoLwesibili ebusuku.
Lokhu kuza emuva kokuthi iSundowns iguqise i-Ulsan HD yaseSouth Korea ngo 1-0 kwiFifa Club World Cup ka-2025 ngoLwesithathu ekuseni.
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, uncome umakadebona wasesiswini uThemba Zwane ngemuva kokunqoba.
UThemba Zwane uqalile kulo mdlalo wokuvula.
Lo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala ubengalindelekile kwabangase baqale kodwa wangena wadlala ngendlela ehlabe umxhwele.
UCardoso uthe uThemba Zwane uthole indawo yakhe eqenjini eliqala umdlalo ngokuyisebenzela, waphika eyokuphoqwa yingcindezi.
“Akukho ngcindezi noma ukukhumnbula okwenzeke ngokudlule. UThemba usebenze kanzima emasontweni amabili edlule. Ubekufanele ukudlala,” kusho uCardoso.
UThemba Zwane washiywa ngaphandle ngesikhathi iSundowns ihlulwa kowamanqamu kwiCaf Champions League yiPyramids.
Abalandeli abaningi nongoti basala nomuzwa wokuthi ubuhlakani bakhe yibo obashoda kulo mdlalo, futhi uCardoso wagxekwa kakhulu ngokungamsebenzisi.
“Siyathembana eqenjini. Ukuzwana kuphezulu. Ngimkhethe ngoba ekulungele, hhayi ngenxa yengcindezi yangaphandle,” kuchaza uCardoso.
Lo mqeqeshi uphinde wavuma ukuthi umdlalo ne-Ulsan ubushubile futhi unzima.
“Bekungelula. Siphikelwe amagoli kodwa sakwazi ukuhamba phambili ngo 1-0 isikhathi eside.
“Lokho kwenze imizuzu yokugcina yaba nengcindezi enkulu. Kodwa sibambelelile ohlelweni lwethu sazuza ukunqoba,” kuqhuba yena.
Lokhu bekuwukunqoba kweSundowns okokuqala ngqa kwiClub World Cup.
“Kuyisikhathi esikhethekile. Ngathi yiphupho. Lolu hlelo lunzima, ngakho lokhu kuwina kusho lukhulu.
“Abadlali bajabulise imindeni yabo kanye nesizwe sonke.”
Lisenethini.com
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169


