Izindaba

Umsindo eSwatini uNyazi luvakashele iNkosi 

 Bahle Mkhize

Sekususe umsindo ukuvakashela komholi webandla lakwaShembe Unyazi lweZulu ezweni laseSwazini kulandela ukubulawa kwezingane.

Abantu bakuleliya lizwe bahlukene phakathi njengoba kuzezinsolo zokuthi abenza lobubi basuke befuna amandla.

Uhambo loNyazi luqondane kabi njengoba amaSwati edunguzela ebumnyameni kubulawa abantwana.

Unyazi lukhuluma ngoMgqibelo esigodlweni eLudzidzini luthe alimenyiwe yilabo abamgxekayo kodwa uzovakashela inkosi uMswati, iNdlovukazi nabalandeli bakwaShembe.

“Angizelanga labo abangigxekayo njengesivakashi kodwa ngizele inkosi uMswati,” usho kanje kwabezindaba baseSwatini.

Uqhube ngokuthi ujabulile ukuzwa ukuthi emuva lokuhambela kwakhe leliya lizwe sekubanjwe abasolwa emacaleni okuthumba nokubulala abantwana.

Kuzokhumbuleka ukuthi uShembe akaqali ukuvakashela eSwatini.

Kwaqala ngeNkosi iLanga , iNkosi iNyanga yeZulu, iNkosi uThingo njengoba uNyazi lweZulu seluze izikhathi ezicishe zifike kwezinhlanu.

“Konke lokhu enikukhuluma lana angeke kunisize ngalutho ngoba uShembe uhambisa ivangeli futhi uyaphilisa inyama nomphefumulo”

“Sebuzokhula ke ubuNazaretha eSwatini uma uShembe eseqala ethukwa. Ningibuze eminyakeni emihlanu ezayo ukuthi ayikho indawo eSwatini engezukuba neNazaretha”

“UShembe akahambeli kuphela eSwatini, naseMazambique uyafika. Maningi amaSwati angamaNazaretha amthandayo uShembe. Yehlisani umoya maSwati amahle, nemukeke uJehova. Nizophila” kubhala uJimmy Gama.

“Le nhlanganisela kungenzeka ukuthi iqhinga lepolitiki nje elenzelwa ukulawula amaSwati kuzo zonke izingxenye. Ngale ndoda iyodwa nje Amanazaretha azozithola enganayo enye indlela yokwenza,” kusho uLuyandza Dlamini.

“Lepolitiki oseluyiqala uNyazi luzomosha okuningi esizweni sakwaShembe nebandla. Umuntu ake afunde ukuhlala la ebekwe khona.

Uvakashela uMswati ukuthi kube njani? Yini yona leyo. Ay sizalwa nabanye sofa nabanye. UShembe seholwa izinkanuko zanyama manje? Ay kuningi kuyamosheka kulesi zukulwane sethu” kubhala uNtando Mabaso.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button