Izindaba

Kufunwa abadlwengule intombazane (16) kwiVW Polo

Inhlangano yamatekisi kuleli iSouth African National Taxi Council (Santaco) isihlabe yasihliliza isenzo sobugebengu kudlwengulwa intombazane eneminyaka engu-16 ubudala.

ISantaco ibhodla umlilo nje emuva kwesigameko esishaqise abaningi eMpumalanga lapho le ntombazanyane ibecele ulift emgwaqeni.

Umgilwa wayesuka eDullstroom, elibhekise eLydenburg wathathwa abasolwa ababili ababehamba ngeVW Polo emnyama.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uBrigadier Donald Mdhluli uthe intombazanyane ithole ulift ngabantu engabazi kanti bazoyivulela esiswini njengotshwala bayidlwengula.

Usihlalo weSantaco uRebecca Phala uthe amaphoyisa kumele asebenze ubusuku nemini ukuzama ukubamba labasolwa ababehamba ngeVolkswagen Polo.

“Njengonhlangano yeSantaco sife olwembiza ukuzwa izindaba zokuhlukunyezwa endimeni yezokuthutha. Lokhu kuyisikhumbuzo sokuthi leli lizwe aliphephe kangakanani”

“Simfisela ukululama okusheshayo umgilwa, sithemba nokuthi uzoluthola usizo lokululekwa nangakomqondo njengoba kuyinto ehlasimulisa umzimba eyenziwe kuye,” kusho uPhala kwi-IOL.

“Ngifisa ukusebenzisa leli thuba ukukhumbuzisa abantu ukuthi kumele bahlale basebenzisa izindawo ezisemthethweni ukugibela amatekisi”

“Kumanarenki wamatekisi okuyiwo avumepekile ukuthutha abantu, isimo esinje sifisa singaphinde senzeke”

UPhala wengeze ngokuthi noma ngabe kuthiwa umgibeli akanayo imali eyanele kuhle ukuthi baxoxisane nomshayeli.

“Uma uya erenki yamatekisi ubatshela ukuthi ushodelwa noma uR2 ngeke bakushiye dengwane”

Ngalokho asisho ukuthi abantu abahlukumeze ububele kwabashayeli. Kumele sisebenze ngokubambisana ukuze sigcine isithunzi nezokuphepha embonimi yamatekisi.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button