Izindaba

Ubulewe umsolwa ongqokloze ngenhlamvu iphoyisa liya emsebenzini

Udutshulwe washona ngamaphoyisa ase-Eastern Cape owesilisa obesolwa ngokungqokloza ngenhlamvu abulale iphoyisa liya emsebenzini.

Lesi sigameko esishaqisayo nesilethe ukudideka kwabaningi senzeke ngoMgqibelo ngo-22:30, kanti iphoyisa kuvela ukuthi belidutshulwe ngo-17:45 eNgqamakhwe.

Umsolwa ubulawa nje kuthiwa akagcinanga ngokubulala iphoyisa kodwa uphinde waphanga izimoto ezibalelwa kwezinhlanu.

Esebona ukuthi umsolwa uyabanjwa uncamele uluyishiya phansi enye yezimoto abebaleka ngayo eNgcono wakhetha ukubaleka ngezinyawo.

Kuthe sekuphela amahlathi okucasha namandla okubaleka wakhetha ukudubula amaphoyisa nawo aphimdisela ngezulu lezandla waphelela endaweni yesigameko.

Umufi uxhunyaniswa necala lokubulala iphoyisa nokuthatha isibhamu salo, uluphamga izimoto ezinhlanu nokuzama ukubulala.

Noma kunjalo kodwa i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) izokwenza uphenyo mayelana nokudutshulwa komsolwa okuyinqubo yakhona.

Nophenyo mayelana nokubulawa kwephoyisa luyaqhubeka.

I-Acting Provincial Commissioner yase-Eastern Cape, uMajor General Thandiswa Kupiso uthe: “Amaphoyisa ayasikhuza lesi senzo sokuhlaselwa kwamaphoyisa nobuhebengu obuthe chithi saka,”

“Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini , abangani, nozakwabo mayelana nokulahlekelwa iphoyisa”.

Amaphoyisa ase-Eastern Cape esehamba ezinyathelweni zamaphoyisa akwaZulu-Natal ngokuvulela ngenhlamvu ezigebengwini ezihlomile.

Ezika Lieutenant General Nomthetheleli Lillian Mene ngoSeptember wonyaka odlule zabulala abasolwa abane eKeiskammahoek khona kulesi sifundazwe.

Omunye umsolwa waphuthunyiswa esibhedlela emuva kokulimala kanzima.

Abasolwa batholakala nezibhamu ezine imoto eyebiwe nejacket yamaphoyisa.

Laba solwa babulawa nje bathinteka ezigamekweni zokufuna imali ngo”dli” kosomabhizinisi egameni “lokubavikela”.

Okhulumela amaphoyisa uSiphokazi Mawisa uthe abasolwa bebeyingxenye yezigebengu ezithumba abantu nezivame ukufuna imali kosomabhizinisi ngoshova.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button