Ezokungcebeleka

Ihlelelwa iMabhida imidlalo yebhola yosaziwayo

ISILOMO somculi weHip Hop uBig Zulu sisezinhlelweni zokuthuthela eMoses Mabhida Stadium umqhudelwano webhola okudlala kuwo osaziwayo.

Le midlalo ivamise ukuba nesasasa kwazise kudlala abaculi bakaMaskandi, Gospel, Piano nabasha iHip Hop.

Ukukhula kwale midlalo kufakazelwe ukuthi ngonyaka odlule usakazwe bukhoma kwa-SABC 1.

Nokho akuhambanga kahle njengoba kwasuka udweshu bukhoma kubangwa indaba yokuthi kukhona abapike abangebona abaculi bangempela.

Ethintwa uBig Zulu ngokuthi sezikuphi izingxoxo nabaphathi bale nkundla eyakhandelwa i-FIFA World Cup ngo 2010, uthe:

“Impela kuyiqiniso sifuna kudlalwe eMoses Mabhida kodwa izingxoxo azikaqedwa.

Sifisa ukuthi imithandazo yethu iphenduleke ngoba sikholwa ukuthi uma singaya kodlala kuleya nkundla, konke kohamba kahle emacikweni akithi.”

Okwenza le midlalo ibe nesasa ukuthi kudlala abaculi abanjengo Casper Nyovest, Khuzani, DJ Tira, Dumi Kokstad, Jumbo nabanye.

UBig Zulu ongumphathi weNkabi Records ubuye waphawula ngesitolo sezingubo zokugqoka ayekhulume ngaso kwiPodcast and Chill interview with Mac G ngonyaka odlule.

“Izinhlelo zokusivula isitolo ngo September zisahamba kanjalo.

Okungenza ngijabule ukuthi kuzobe kuyinyanga yamaGugu nosekwenze ngakhetha ukuthi ngiqhamuke noshuni ohambayo wezingubo ukuze ngivule lesi sitolo ngenothi eliphezulu,” kusho lomculi owagqama nge-single esihloko Donsa Kabi ngo 2016.

Lo mculi waseBergville owazalwa enguSiyabonga Nene usekhiqize inqwaba yabaculi ngaphansi kwesitebela sakhe kanti sebewole inqwaba yezindodo.

Ubuye acule ngokuhlanganyela nomkhaya wakhe uSjava njengoba beneqembu elithandwa kakhulu Inkabi Zezwe.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button