Ezemidlalo

Kuzophuma nesinedolo izaguga zaKwaMashu zibheke kwiYoga

Motshwari Mofokeng

UPrince Mabheka Zulu ubephuphuma injabulo ngesikhathi ememezela ukuthi sebenabaxhasi abasha i-United Nations Educational, Scientific and Cultural Organization (UNESCO).

Uthe ukuhlanganyela kwale nhlangano nabo kuqinisekisa ukuthi ihamba emgomeni wayo wokugqugquzela uxolo, ukuqhakambisa usiko nemvelaphi nokuthi iTheku liyasebenzisana ne-UNESCO World Heritage Sites, egabisa ngezintaba zoKhahlamba.

Kuzoshaywa ngolunye unyawo kwi-International Day of Yoga yalo nyaka njengoba izogubha iminyaka engu-11 yasungulwa.

Kuzoba nemicimbi ehlukene ezobhulela lo omkhulu ozoba seDurban Beach Amphitheatre ngoMgqibelo.

ISivananda World Peace Foundation eseqhulwini lokuhlela lo mcimbi okhula ngesivinini unyaka nonyaka njengoba wesekwa uhulumeni wesifundazwe nomasipala weTheku uhlelele izaguga zaKwaMashu iyoga ezihambisana neminyaka yabo.

Kulindeleke izaguga zishiye phansi izinduku zokudondolelozela zigqoke izingubo zokujima kuqondwe eCongo Sports Ground.

Umsunguli walo mcimbi uPrince Mabheka Zulu waseBukhosini bakwaZulu uthe inhloso ngqangi ukugqugquzela abantu ngokuthi behlale beyimiqemane ngokuvocavoca imizimba nemiqondo yabo.

Okunye okumqoka okuhlosiwe ukujwayeza abantu bezinhlanga ezahlukene ukuhlalisana ndawonye.

Ephawula ngamalungiselelo uthe: “Kuyasithokozisa ukumemezela ukuthi kuzofika nenxusa laseNingizimu Afrika e-India uProfessor Anil Sooklall.

Enye yezinhloso zethu ukugqugquzela ukuthi abantu abadala noma beguga kodwa imizimba yabo ibe sesimweni esikahle.

Lo mcimbi walo nyaka ozokwenziwa ngaphansi kwesiqubulo esithi “Yoga for One Earth, One Health and Oneness” kulindeleke uhehe abantu abangaphezulu kuka-3000.

Lo mcimbi uzohambisana nokugujwa kokuqeda iminyaka engu-1000 kwazalwa uSri Swami Sahajananda, ozakhele ugazi ngokwenza bukhoma iYoga waphinde wakha inqwaba yezikole nemitholampilo ezindaweni ezihlwempu.

Kulo mcimbi kulindeleke uhanjelwe uNdunankulu waseKZN uThami Ntuli neMeya yeTheku uCyril Xaba neziphathimandla eziqhamuka ezinhlakeni ezahlukene.

Lo mgubho ogqugquzela ukuzivocavoca uzoqala ngomhla ka-21 June kulo nyaka kusukela ngo-8 ekuseni kuze kushaye u-12 emini eBeachfront Amphitheatre.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button