
Isizwe sakwaCele emanzini kudutshulwa inkosi
Bahle Mkhize
Isiwe sakwaCele kuMasipala iRay Nkonyeni eZinqoleni sigubezelwe yifu elimnyama kulandela ukudutshulwa kwenkosi yesizwe uSimphiwe Cele.
Kulokhu kuhlaselwa kwenkosi kufe oyedwa yona yasala ilimele kanzima nomunye umgibeli.
Kuphoqeleke ukuthi baphuthunyiswe esibhedlela ukulashwa amanxeba okudutshulwa.
Inkosi ibuphuma emhlanganweni icishe ikhothama.
Ngesikhathi behlaselwe behamba ngemoto, kanti izinkabi bezibalalele unyendle zavumbuka sezihlwayela ngenhlamvu.
UNgqongqoshe wakwaCogta KwaZulu-Natal uRev Thulasizwe Buthelezi usesigxekile lesi sigameko.
UButhelezi uthi abenza lokhu bahlose ukuphazamisa ukuthula kwamakhosi.
“Ngikholelwa ukuthi abenza lokhu banezinhloso zokuphazamisa ukuthula ebuholini boMdabu eKZN.
Sengicele abasebenzi boMnyango engiwuphethe ukuba basondele eduze babhekisise ukuphepha kwamakhosi kusetshenziswe umthetho ogunyaza ukuvikelwa kwawo,”
“Ngidlulisa amazwi enduduzo emndenini wohanjelwe isihlobo, ngifisela neNkosi uCele ukwelulama ngokushesha.” kududuza uButhelezi.
Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi ukuthi eze ngaphambili ukuze kubanjwe abenzi bobubi.
Kuzokhumbuleka ukuthi NgoMashi esigamekweni esifuze lesi kwabizwa imbizo ephuthumayo esizweni sakwaXulu eMgobhozi, KwaMunyathi, eVryheid.
Lokhu kweza emuva kokusinda ngokulambisa kweNkosi yesizwe uMzwandile Xulu idutshulwa.
Inkosi yaphuma ngembobo yenaliti ihlaselwa ngabantu abangaziwa isemzini wayo.
Izinsolo zaveza ukuthi inkosi ihlaselwa nje, kungenxa yombango wokumbiwa kwamalahle kuleya ndawo.
UNdunankulu wesizwe sakwaXulu, uDkt Cedric Xulu unabe kabanzi ngale nkinga yokuhlaselwa kwenkosi.
“Kuyiqiniso ukuthi inkosi isinde idutshulwa. Indaba isuswe wuhlelo lokubuyiselwa komhlaba emphakathini olwenziwa wuhulumeni.
“Lo mhlaba ucebe ngamalahle ambiwayo, kanti wenganyelwe yisikhwama somphakathi, iMnyathi Community Trust, lapho umphakathi uziqokele wona usihlalo ozowuhola athathe nezinqumo”
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



