
I-Africa Travel Indaba eqhubekayo eDBN nesibalo esiphezulu sabakhangisi
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ukhuthaze abezokuvakasha waqhakambisa amasiko, ukuthuthukisa komnotho nobumbano.
UNtuli ubevula ngokusemthethweni ingqungquthela yezokuvakasha i-Africa Travel Indaba eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini ngoLwesibili.
UNtuli uthe ingqungquthela yalo nyaka iletha abakhangisi ababalelwa ku-1300 abaqhamuka emazweni awu-27 asezwenikazi i-Afrika.
Kulo nyaka kunamazwe aqalayo ukuzoba ingxenye yale ngqungquthela esibanjelwe eThekwini iminyaka engaphezulu kwewu-30.
Kula mazwe kubalwa iChad, St Helena neBurkisa Faso.
UNdunankulu uthe ukuba khona kwala mazwe kukhombisa khona ukuqhubeka nokukhula kwayo.
“Siyazigqaja nangesikhumulo sezindiza iKing Shaka International esaqhubeka nokuba yisango lesifundazwe kulabo abaqhamuka emazweni ahlukene,” kusho uNtuli.
IPhini likaMongameli uPaul Mashatile nalo belikhona.
“Njengoba inyanga uNhlaba kuyinyanga eteketiswa nge-Africa Month kumele kube yikhona lokhu okukhuthazayo ukuthi kuqiniswe amaxhama okuhwebelana”
“Iwekazi i-Afrika linamathuba amaningi okuba ngumakhonya kwezomnotho,”
“Amanye amazwekazi aseqalile ukukhombisa intshisekelo yokuzisondeza e-Afrika ngakho lesi isikhathi sokuqhakambisa okungokwayo ngenhloso yokuthi ihlomule,” kulandisa uMashatile.
Uveze ukuthi ziyaqhubeka izingxoxo zokwandisa amabhanoyi atheleka kulesi sikhumulo sezindiza njengoba phakathi kwalezo ezikhona ezithinta umzila osuka eParis eFrance uza kusona nalona othinta umzila waseLondon e-United Kingdom.
UNgqongqoshe wezokuVakasha kuleli uNkk Patricia de Lille uthe kuyamkhuthaza ukuthi ngemuva kobhubhane lweCobvid 19 lo mkhakha uyaqhubeka nokukhula.
Uphinde ukhombise inhlasi yethemba lokuthi isimo sibuyele kwesejwayelekile.
“Kwikota yokuqala yalo nyaka sikwazile ukwamukela izivakashi ezibalelwa ku-2.6 million nokuyisibalo esikhombisa ukukhula ngo-57% uma kuqathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyala owedlule,” kusho ude Lille.
Uthe unethemba ukuthi le ngqungquthela izoba impumelelo futhi izokwazi ukuvuna izithelo ezinhle emnothweni wezwe.
Le ngqunguthela izoqhubeka izinsuku ezintathu.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



