Izindaba

Zimb’izinto nakwimbokodo edakelwa emgaqweni

Sihle Mkhize

Bawuchame bawuphuza abashayeli abangu-27 okuhlanganisa nabesifazane abane abebedakwe bengazazi amagama wabo eMhlanga Rocks naseDurban North.

Lezi zephulamthetho ziboshwe ebusuku ngoLwesihlanu.

UNgqongqoshe weZokuthutha nokuHlaliswa kwabantu uSiboniso Duma uthi iRTI ne-Oparation Shanela ibambe ngakho.

Nakamhlola ukuthi izimpilo zabantu abangenacala zibekwe engcupheni izidakwa kulama holidi nangePhasika.

Umshayeli omncane kunabo bonke olale ebaliwe uneminyaka engu-21 kwathi omdala unemeninyaka engu-58 ubudala.

NgoLwesithathu ethula umkhankaso uDuma usongile wathi sizoqina kakhulu isandla kwiziphulamthetho emgaqweni KwaZulu-Natal njengoba kubhekwe kumaholidi ePhasika.

Izindawo eziseqhulwini kuhamba phambili eZakheni, Esikhawini, Newcastle, Pietemaritzburg, Nongoma, Umhlanga Rocks, Nongoma, Ulundi olumahlikihliki, Umtubatuba, Phoenix, Inanda, Umlazi, KwaMashu ukubala nje ezimbalwa lapho ezoqinisa khona isandla.

Kulokhu, amaphoyisa omgwaqo angaphezulu kuka-3483 azobe ebopha kwasani.

Kubalwa iRTI, Operation Shanela, Durban Metro, Umsunduzi kanye namanye koMasipala.

Amaphoyisa avela kuzwelonke angu-105 azoya Empangeni, Richards Bay, Pietemaritzburg nase Port Shepstone.

UDuma ufisele izakhamuzi, abazalwane abayokhonza, izivakashi kanye nabalandeli ukuphepha emgaqweni.

Related Articles

Back to top button