
Zibakhalale abafundi abacekele phansi isikole
Babhekene nengalo yomthetho abafundi baseMzwamandla High School esiFundeni saseMlaza KwaZulu-Natal.
Kulandela isigameko ngemuva kokubanjwa kwabafundi becekela phansi isikole sabo.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, ukuqinisekisile ukuboshwa kwabafundi ngecala lokucekela phansi impahla.
Laba fundi bazobhekana nokuqondiswa kwezigwegwe ngaphansi komgomo wokuziphatha wesikole, kanye namacala aphethwe amaphoyisa.
Lesi sigameko siqoshwe futhi safakwa ezinkundleni zokuxhumana.
Ivideo ikhombisa abafundi bephihliza impahla bephethe nezikhali eziyingozi.
UHlomuka, uthe lokhu akukhona nje ukuziphatha okungamukelekile kuphela kodwa ubugebengu.
“Inhloso yethu wukunikeza abafundi imfundo esezingeni futhi sibafundise ukuziphatha kahle ukuze bakhule babe izakhamuzi eziqotho,” usho kanje.
“Lolu hlobo lokuziphatha kobugebengu ngeke lubekezelelwe.”
UHlomuka uncome abaphathi besikole ngokusukuma ngokushesha.
Basebenzisane namaphoyisa, kwaholela ekuboshweni kwabafundi abathintekayo.
Bazophinde babhekane nokuqondiswa kwezigwegwe ngaphansi kwemithetho yokuziphatha yesikole, eholwa yiSigungu Esilawula Isikole (SGB).
UHlomuka unxuse imiphakathi, abazali nabafundi ukuthi basukume balwe nobugebengu ezikoleni. Ubanxuse ukuthi babike emaphoyiseni ngodlame, ukucekelwa phansi kwempahla namanye amacala.
Scrolla.Africa
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



