
Zehle ‘mi’ enkantolo kunkosikazi oboshwe ezilele umyeni
UNKOSIKAZI Sibongile Dlamini (42) oboshwe ezilele umyeni wakhe, oyiphoyisa elabulawa izinkabi ukhale ‘mi’ enkantolo ngoMsombuluko.
Lokhu kuze emuva kokuthi inkantolo ihlehlise isicelo sakhe sebheyili yanquma uLwesihlanu, ngomhla ka-21 kuMashi, lapho kuzobe kune-identity parade.
Lo nkosikazi usolwa ngokuyalela izinkabi ukuthi zibulale umnyeni wakhe ngemuva kokubhuntsha kwemizamo yokumdlisa ushevu.
UConstable Banele Skosana, osebenzela amaphoyisa omgwaqo i-EMPD, eGoli wadutshulwa washona ngaphandle kwesitolo sakhe ngomhlaka-7 kuFebruay.
Kuthiwa inkabi yesibili isagcwele amathafa kanti amaphoyisa ethungatha phansi naphezulu.
UDlamini nasolwa naye uNhliziyozabantu Magwanyana bebevele enkantolo yeMantshi yase-Springs.
Amaphoyisa abophe uDlamini ngoLwesihlanu ngesikhathi ezilela umyeni wakhe emzini wakhe. UMagwanyana uboshwe ngomhlaka-10 kuFebhuwari ehostela laKwa-Thema ngemuva kokuthi amakhamera onogada emthwebula endaweni yesigameko.
Ngemuva kokuboshwa kwakhe, uMagwanyana utshele amaphoyisa ukuthi uDlamini wayalela ukuthi kubulawe umyeni wakhe.
USkosana (33) obesebenza esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo, wasinda ngesikhathi edliswa ushevu ngemuva kokudla i-KFC abephakelwe ngumkakhe.
Ngemva kwezinsuku ephumile esibhedlela, wadutshulwa washona.
Ngokombiko weScroll.Africa umalumekazi kamufi, uCindy Skosana, unxuse inkantolo ukuthi inqabe ibheyili.
“Siphatheke kabuhlungu ngokubulawa ngesihluku komshana wami, bahlela ukubulawa kwakhe baqhubeka nezinhlelo zabo bambulala ngendlela ebuhlungu. Abayifanele ibheyili,” usho njalo.
Ibamba lesikhulu samaphoyisa e-EMPD uJulius Mkhwanazi uthe umbulali oyedwa usagcwele amathafa wathi amaphoyisa alandele umkhondo e-Free State.