
Iminyaka engu-20 ejele ephoyiseni elabulala intombi ekhulelwe
UGWETSHWE iminyaka engu-20 ebhadla ejele uSizwe Ngema (28) obeyiphoyisa likaMasipala weTheku.
UNgema wagwaza wabulala uConst Bianca Khuzwayo obeyintombi yakhe nabesebenza naye esiteshini esise-Albert Park, eThekwini, ngoMarch wonyaka owedlule.
UNgema ubevele ngoLwesine eNkantolo eNkulu yaseThekwini, lapho evume khona wonke amacala akhe wabe esegwetshwa.
Ukubulawa kwaBianca kwaba undabuzekwayo ngemuva kokuthi uNgema asabalalisa enkundleni yokuxhumana uFacebook ivideo eyayikhombisa imizuzu yokugcina kamufi.
Kwavela nommese awusebenzisa ngesikhathi egila lomhlola usabhajwe enxebeni.
Ukufakwa kwesicelo sebheyili kuleli cala kwagqoza isikhathi eside njengoba uNgema kwakulindeleke ukuthi ayohlolwa isimo somqondo ukuze kuqinisekiswe ukuthi angakwazi yini ukubhekana necala.
Lokhu kwakulandela ukuphazamiseka kwalo ngemuva kokuba abammeli bakwa-Legal Aid basichitha isicelo sakhe sokuthola ummeli wamahhala.
Kwisitatimende sokuvuma icala, uNgema uveze ukuthi okwaholela ekubulaleni kwakhe uBianca kwaba wukuthi ambuze ngomyalezo ayewubone efonini kamngani kamufi uNkz Anele Mkhize.
Kulo myalezo kuthiwa wayemtshela (umufi) ukuthi ufuna ukuhushula isisu njengoba wayekhulelwe.
UNgema uthi ngemuva kokuzithokozisa ngotshwala nesidakamizwa secocaine ngosuku lwesigameko wabe esebuza umufi ngalo myalezo.
Uthi umufi wabe esegonyuluka emtshela ukuthi ingane ayikhulelwe akuyona eyakhe, nokuyilapho amgwaza khona amanxeba amaningi.
Ngemuva kokugwetshwa kwakhe umndeni kamufi ubonakale ungagculisekile ngalesi sinqumo.
Uyise kamufi uMnu Thabani Madonsela uthi ukholwa wukuthi uNgema akanakho ukuzisola kodwa uvume amacala ngoba esevaleleke ekhoneni.
“Isitatimende sakhe sokuvuma icala asiyiphenduli eminye yemibuzo esinayo, njengokuthi kungani kungavelanga ukuthi lo mfana wanameka imizuzu yokugcina yengane yami ezinkundleni zikuxhumana. Okwenze umsolwa wavuma ukuthi beyingasekho into abengayenza. Ubesephelelwe nayimali yokukhokhela abammeli. Ngingasho nje ukuthi kusuka saqala ukuhamba leli cala lo mfana akakaze akhombise ukuzisola. Noma ngingagculisekile ngalokhu akukho engingakwenza ngoba ngisho ngingadinwa kanjani ngeke isabuya ingane yami, kuyikho ukuthi ngingwinye itshe ngamukele. Ngiyethemba ukuthi uma eseqale isigwebo sakhe uzozisola,” kusho uMadonsela.
Ilanga



