
Asale enkundleni amalunga (2) eWest Gang eNanda
IMIBIKO ikhomba ukuthi abasolwa ababili abadutshulwe babulawa eNhlungwane, eNanda NgoLwesibili bayathinteka eqenjini lezigilamkhuba elibizwa ngeNanda West Gang.
Amaphoyisa aveze ukuthi adubule abulala abasolwa ababili kwathi owesithathu waboshwa ngesikhathi kunokudubulana phakathi kwawo nalaba basolwa.
Ngokusho kwamaphoyisa athi alunywe indlebe ithimba lezobunhloli eliveze ukuthi bakuziphi izinkalo laba basolwa abebefunelwa ubugebengu obahlukene endaweni okukhona nobokugqekeza emzini yabantu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe ngesikhathi amaphoyisa egasela kulo muzi obekhona kuwona laba basolwa ahlangatshezwe ngezulu lezandla kwase kuphoqa ukuthi aphindisele.
“Ngesikhathi amaphoyisa engqongqoza ezethula ukuthi angobani aphendulwe ngentululwane yezinhlamvu nokugcine kuphoqa ukuthi nawo aphindisele ngokudubula kwagcina kushona abasolwa ababili kwathi oyedwa waboshwa,” echaza.
UNetshiunda uthe abasolwa batholwe nezibhamu ezimbili.
Uqhube ngokuthi umsolwa oyedwa ongalwanga namaphoyisa ugcine ngokuboshwa.
UNetshiunda uthe ezinsukwini ezimbalwa ezedlule amaphoyisa aqala athola ulwazi kumalungu omphakathi mayelana nalaba basolwa abathinteka ebugebengunwini basendaweni.
Uphenyo lwabo olungakaphothulwa luveze ukuthi laba basolwa bayingxenye yaleli qembu elisematheni kulezi zinsuku kulandela ukubulawa komholi walo emasontweni amabili adlule.
Lo msolwa kulindeleke ukuba avele maduze enkantolo.
Ilanga



