Izindaba

Kushe kwangqongqa isiguli ePrince Mshiyeni

Liyah Mseleku

KUSHE kwangqongqa isiguli (39) esigamekweni esishaqisayo ePrince Mshiyeni, eMlaza, eThekwini.

Lesi siguli esigodliwe igama laso okwamanje besingeniswe esibhedlela ngoLwesihlanu salaliswa egumbini laso lodwa ngenxa yokugula.

Umufi ushone ngoLwesibili ebusuku kanti imbangela yokufa kwakhe kudalwe ukulayitha ugwayi endaweni engafanele agqoke isfonyo sokuphefumula.

Lesi sigameko senzeke ngezikhathi zokuvakashelwa kweziguli kusihlwa ngabo-7.

Ngokombiko woMnyango wezeMpilo esinye isiguli sihlabe umkhosi kwabanye onesi. Ngesikhathi befika bese konakele igumbi ligcwele intuthu bazama ukucisha besebenzisa izinsiza ekucimeni umlilo (fire extinguishers).

Yize kube nemizamo kodwa umufi kumenele ngenxa yamanxeba okusha.

Iziguli ebezilaliswe kuward C5 noC6  zithuthelwe egumbini eliphephile.

UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane uzwelane nomndeni oshonelwe.

Ucele ukuthi abantu behlise imimoya waqinisekisa ukuthi imindeni nezihlobo ezikulesi sibhedlela ukuthi ziphephile.

Amaphoyisa nawo ahlanganisa uphenyo lwawo ukuthola umnyombo.

Lesi sibhedlela sisanda kuba sematheni ngenxa yokuphelelwa amanzi amasonto. Kwaze kwaqashwa inkampani ezohambisela iziguli amanzi emawadini.

Related Articles

Back to top button