
Kucushwe umgoga ngamakhamera azofakwa emzimbeni kumaphoyisa
Bahle Mkhize
UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu uqoke umhla ka-1 Mashi njengosuku azokwethula ngalo amakhamera azonamekwa emzinbeni emaphoyiseni.
Lokhu kuyenziwa emazweni asethuthukile aphesheya okubalwa i-USA, France nakwamanye.
Ukufakwa amakhamera emzinbeni kwamaphoyisa kuhloswe ngakho ukwethembeka kwamaphoyisa emphakathini nokunciphisa izinzo zobugebengu amaphoyisa ahlexi esolakala kuwo.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa ukuqinisekisile ukukhishwa kwekhamera yomzimba
Ephendula imibuzo yeDemocratic Alliance.
“I-SAPS izibophezele ekuthuthukeni, ukubeza konke obala nokuziphendulela ekusebenzeni kwayo ngokufaka amakhamera agqokwe emzimbeni,” kuphawula uMchunu.
UNgqongqoshe uveze ukuthi kuzothengwa amakhamera angu-100 ngemali elinganiselwa ku-R29 000 lilinye, kanti izindleko zika-2025 zizoba ngu-R2 881 800. Kule minyaka emihlanu ezayo, izindleko zokuthengwa zizodwa zilinganiselwa ku-R14.4 million.
I-DA iyakwamukela ukuqhubekela phambili kwamaphoyisa.
Ilungu le-DA ePhalamende ekomitini elikhethiwe lezokuphepha nezobulungiswa uMzamo Billy uthi lesi yisinyathelo sihle kakhulu.
Eyamakhamera ijabulise abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana.
“Izindaba ezinhle kakhulu lezo, ngazi bazowenza kanjani ama deals eSouth Beach noBroad street,” kuphawula uDJ Nzwiri.