Uzogcinwa esitokisini umfana kaChicco Twala kulo Disemba
Liyah Mseleku
USAZOGCINWA esitokisini uLongwe Thwala (39) aze avele enkantolo kaMantshi eRandburg ngoDisemba 9 esezofaka iscelo sebheyili.
NgoNovemba 26 uLongwe oyindodana kaSello “Chicco” Twala waboshelwa ukungawulandeli umbandela weNkantolo.
Wahluleka ukuvela enkantolo wabikela ubabekazi wakhe ukuthi uyagula, nokho abuvelanga ubufakazi phambi kwenkantolo ukuthi sewake wabonana nodokotela.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoSepthemba uLongwe waboshwa ngezinsolo zokugqekeza emzini kayise uChicco weba izimpahla zasestudio ezibiza ngaphezulu kwaR200,000.
Wakhishwa ngebheyili futhi ngesexwayiso ngenyanga edlule emuva kokunqoba kwabameli bakhe kwelokuthi akasiyo ingozi yokundizela kwelinye izwe abaleke.
ULongwe waboshiwa uyise uChicco ngezinsolo zokweba nokugqekeza estudio sakhe.
UChicco wayehambele e-United Stated, eMelika wabuya eselahlekelwe yizimpahla.
ULongwe wabekwa amacala okugqekeza nokweba nomnewabo.
IMantshi u-Abdul Khan itshele uLongwe ukuthi ngeke bakwazi ukuqhubeka necala ngemuva kokuthi ummeli ecele ukuthi icala lihlehliswe.
USello wavulela amadodana wakhe amabili emaphoyiseni aseDouglasdale, kodwa kwasala uLongwe ngaphakathi.