Izindaba

Kubulawe abantu (4) bomndeni nesangoma

Sane Mseleku

KUBULAWE abantu abane bomndeni owodwa kanye nesangoma ngoLwesithathu ebusuku eMente Village, eWillowvale, e-Eastern Cape.

Okhulumela amakhosi amaXhosa uNkosi Ndabele Mtoto nophethe e-Ebhotwe uNkosi Zanenkululo Salakuphathwa baqinisekisile ukuthi kukhona abadutshuliwe.

“Kubi kakhulu futhi kuyasabeka. Amaphoyisa kumele asebenze ngokuphazima kweso abophe lezigila mkhuba, zingaze zigadle futhi,” kusho uSalakuphathwa.

Lesi sigameko senzeka emuva kwezinsuku ezinhlanu kukade, kumashelwa ukulwa nokudubulwa kwabantu eWillowvale.

“Sebaningi kakhulu abantu ababulawa eWillowvale, manje sekusuka emadolobheni kukapakela emakhaya,” kuqhuba uSalakuphathwa.

UMtoto uthe: ” lesehlakalo siyathusa futhi siyasabisa. Yini bengenandaba nomphefumulo womuntu?”

“Ukubulawa kwabalaphi bomdabu benza sibukeke sibuthaka futhi silula.

“Angeke senze umsebenzi wethu ngokwesaba ngoba sisaba ukuthi sizobulawa ngokuwenza. Asikuvumi lokho,” kugcizelela uMtoto.

Unxenxa abomthetho bakhiphe lonke usizo abanalo ukubamba lababulali.

“Uma besacanasa la ngaphandle, angeke sikhululeke sisabela izimpilo zethu. Sisengcupheni uhulumeni kumele aqinisekise ukuphepha kwethu,” kusho uMtoto.

UXolile Nqatha onguNgqongqoshe wezokuphepha emphakathini, ulindeleke ukuya kobonana nomndeni owehlelwe ilo mshophi.

Related Articles

Back to top button