Izindaba

Babanjwe oqotsheni abakhokhisa eyokuvikela

Bahle Mkhize

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal abophe abasolwa abayisihlanu ababanjwe oqotsheni bekhokhisa imali yokuvikela inkontileka yokwakha eMzinto.

Kuvele ukuthi amaphoyisa athole ucingo kuthiwa akaphuthume endaweni ebeyeyakhiwa kabusha kunamadoda aphazamisa ukusebenza afuna nemali ngodli.

Nebala azikadalawane zifike zazithela kula ephazamisa ukusebenza abaphoqa nokuthi abasebenzi balahle amathuluzi phansi.

Zibakhalele abasolwa babekwa amacala okuphazamisa ukusebenza nokufuna imali ngo dli.

La basolwa abaneminyaka ephakathi kwa-30 no-52 bazovela bazovela eVulamehlo Magistrate’s Court eDududu ngoLwesihlanu.

Imibiko iveze ukuthi labasolwa bebengaqali ukuyodala uthuthuva kule nkontileka njengoba ngoNovemba bafika kabili besabisa abasebenzi.

Babetshela abasebenzi ukuthi akukho msebenzi ozoqhubeka bengabanga nomhlangano neziphathimanda kulo msebenzi.

NgoLwesithathu balahlwe elakubo ngesikhathi bebuyela khona ukuyoqhubeka nokudala uthuthuva nokusabisa abasebenzi etohweni labo.

Khonamanjalo iPurpose yabika ngesigameko esifuze lesi lapho kwasala enkundleni abesilisa abane abebegagazisana ngenganono namaphoyisa eMooi River, kwaZulu-Natal.

Abazibonele ngawabo bathi ubungafunga ukuthi ifilimu kwazise lesi sigameko besenzeka izimoto zigijima ngesivinini esiphezulu zivika nezinye emgwaqeni.

Labasolwa bebefunelwa amacala okubulawa kwabantu embonini yamatekisi.

“Ngesikhathi kujahwana ngezimoto abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni. Azivikelile avikela nabasebenzisi bomgwaqo ngokudubula bebhekise kubasolwa. Abantu abane ababegibele leyo moto bafile. Kutholakale izibhamu ezimbili okuwumjojantaba ivolovolo nezinhlamvu endaweni yesigameko.

Bafa nje labasolwa amaphoyisa ancinzwe indlebe ukuthi bayapepenyeka kule ndawo.

Nebala azamile ukubamisa bekhanyisa anamalambu aluhlaza emgwaqeni uN3.

Kuthiwa umshayeli uncamele ukufaka eliya phambili ebaleka eyojoyina uR103 uma ubheke ngaseMtshezi kanti zizokhala.

Related Articles

Back to top button