Izindaba

Ukhishiswa amaphoyisa esibhedlela ogwinye izidakamizwa

Philasande Luthuli

KUBOSHWE owesilisa obanjwe nezidakamizwa eseziphonse esiswini ngemuva kokundiza esuka eBrazil eya esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo, eMzansi.

Amaphoyisa athe lo wesilisa (21) ubesuka e-Sao Paulo, eBrazil, uboshwe ngemuva kokuba amaphoyisa elunywe indlebe.

Ubanjwe ngemuva kuka-12:20 ebusuku ngesikhathi indiza yakhe ifika.

Umshushumbisi wezidakamizwa wesithathu uboshwe esikhumulweni sezindiza emasontweni amabili njengoba amaphoyisa eqinisa umkhankaso wabo kumaholidi kaKhisimusi.

Lona umshushumbisi wesithathu wezidakamizwa esikhumulweni sezindiza emasontweni amabili nje kuphela. Ngesonto eledlule, amaphoyisa abophe owesifazane oneminyaka engu-44 naye ovela e-Brazil.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Athlenda Mathe uthe baphuthumise le nsizwa esibhedlela, lapho kwatholakala khona ukuthi igwinye amaphakethe ezidakamizwa.

“Uhlelo lokukhishwa kwalezi zidakamizwa zakwamanye amazwe seluqalile, kanti i-SAPS ingaqinisekisa ukuthi amaphakethe anezidakamizwa asekhishiwe umsolwa,” kusho yena.

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Kempton Park kuleli sonto. Ubhekene necala lokutholakala nezidakamizwa kanye nokushushumbisa.

UMathe uthe amaphoyisa esikhumulweni sezindiza aqaphe ngeso lokhozi ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.

“Ukusebenza kwe-SAPS Safer Festive Season Operations kugcwele ezweni lonke, futhi izigebengu kuwo wonke amagumbi zizwa ukushisa,” engeza.

Related Articles

Back to top button