
Uzobhadla ejele iminyaka engu-20 owadlwengula indodakazi
Sphumelele Mjaja
Indoda yaseNorth West eneminyaka engu-66 ubudala igwetshwe iminyaka engu-20 ibhadla ejele yiNkantolo yesiFunda yaseBafokeng ngokudlwengula indodakazi yayo.
Le ndoda itholakalae inecala lokudlwengula ngoNovember-2022 edolobhaneni laseChaneng eduze nePhokeng.
Ngaleso sikhathi, isisulu sasineminyaka engu-18 ubudala. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa esifundazwe saseNorth west u-Brigadier Sabata Mokgwabone.
Ubaba wale ntombazane kuthiwa wayisabisa ngommese ngaphambi kokwenza lobu bugebengu obunyantisayo.
Naphezu kokuvuma ukuthi akanacala nokugcizelela ukuthi isenzo sobulili sasivunyelwene, ukuzivikela kwakhe kwanqatshwa.
Inkantolo yancika ebufakazini besisulu, obasekelwa ubufakazi be-DNA, obabunikeza ubufakazi obugcwele.
UMokgwabone uthe umphumela uthumela isixwayiso esiqinile kubantu abagila le mihlola.
“Lesi sigwebo sikhombisa ukuthi uhlelo lwezobulungiswa ngeke lubekezelele ubugebengu obunjengalokhu obunyanyekayo,
Ikakhulukazi uma benziwa yilabo okufanele bavikele futhi bakhulise,” kusho uMokgwabone
Waqhubeka wathi siyancomeka isibindi sesisulu sokufakaza ngokumelene noyise.
“Sihalalisela ukuzinikela kweqembu eliphenyayo nokushushiswa kuqinisekiswe ukuthi kwenziwa ubulungiswa.
“Lesi sijeziso kufanele sibe isikhumbuzo kubaphulimthetho ukuthi amacala anjena ngeke angaphanywa”, kusho uMokgwabone
Ngaphezu kwesigwebo, inkantolo ithe le ndoda ayikufanelekeli ukuba nesibhamu ngaphansi komthetho wokulawula izibhamu.
UMajor General Dintletse Molefe oyibamba esikhundleni sikaKhomishana wamaphoyisa eNort West kanye noMqondisi Wezokushushiswa Komphakathi, uDkt Rachel Makhari basishayele ihlombe lesi sinqumo.
Babonga nabaphathi ebebephenya uDetective Sergeant Joyce Seake kanye nomshushisi u-Advocate Zola Mpayipheli ngomsebenzi wabo oncomekayo.



