
Uvalo izigebengu zingenela abantu ezindlini zibabulala eNdwedwe
USHAYWE waze wafa owesilisa (43) egetshengwa ekhaya kwaNtapuka, eNdwedwe.
Omakhelwane endaweni bafonele inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) ekuseni ngoLwesihlanu bedinga usizo. Nebala kuphuthunywe endaweni yesigameko nabasizo lokuqala kodwa bafika umgilwa sekumenele.
Ubenqunu elele ebheke phansi egumbini lokuphunula igazi ligcwele ekhanda nasebusweni.
Omakhelwe abavukele kulesi sigameko ekuseni ngoLwesihlanu bafonele iRUSA kulandela ukuthi abakwaSAPS bebiziwe bangalubhada emahoreni ayisishagalombuli edlule.
IPurpose ithole ukuthi bayisithupha abasolwa bahlome ngezibhamu nemimmese bahamba ngezimoto ezimbili ezahlukene bahamba behlukumeza umphakathi.
Badlulele kowesilisa esekhulile (65) onebhizinisi lespaza nalapho befike bamfuna imali ngo “dli” bamgwaza esifubeni.
Owesifazane obengazi lutho ngokubanjwa kwenkunzi nobezama ukwelekelela uzithele kubasolwa engena nje endlini.
Bamyalele ukuthi akangazingeni beqhubeka beshaya lo wesilisa ngesidunu sesibhamu.
Izigameko ezifuze lezi iPurpose ibikile kakhulu ngazo phambili.
NgoJanuwari kwangenelwa kwagencwa abantu besilisa abahlanu elokishini laseNanda entshonalanga yeTheku.
Lokhu kwavezwa isitatimende esithunyelwe inkampani yonogada Reaction Unit South Africa (RUSA).
Ithimba lakwa Rusa elizinze Phoenix laziswa ngamalunga omphakathi obekukhona kubo nabafundi abaseduzane nesikole Inanda Newtown Comprehensive ngezikhathi zabo 6h:40 ekuseni.
Labo nogada bebambisene nophiko labosizo lokuqala babe sebenikela endaweni yesigameko lapho batshengiswa khona abantu besilisa abathathu bedindilizile.
Labantu besilisa bebenezingozi zokulimala ekhanda futhi sekubenele.
Kuphinde kwavela ukuthi bekungenzeka ukuthi kukhona eminye imizimba esasabalele kule ndawo evulekile.