
Umyalelo wokuvalwa kwekhishi ejele laseWestville
UMNYANGO wezokuHlunyeleliswa kweziMilo ePhalamende unqume ukuthi amakhishi ejele laseWestville, eThekwini avalwe ukuze alungiswe njengoba engekho esimweni.
“Akuwona wonke amakhishi ejele anenkinga, kodwa yingxenye ethile, okubalwa kuwo lawa asetshenziswa yiziboshwa eziyingozi. Kuleli leziboshwa eziyingozi bekungcolile, kunuka, uphahla naphansi kunezimbobo namanzi ezivuzela nje engalungiswa.
“Sibe sesivalelana neziphathimandla zakhona emhlanganweni, sazitshela ukuthi kumele avalwe la makhishi bese eyalungiswa,” kulandisa usihlalo waleli komidi, uNkz Kgomotsho Ramolebeng.
Ubelandisa ngesimo esingagculisi athi usifice emakhishini akuleli jele.
Enye yezinkinga abazificile okumele zilungiswe wucingo olungekho esimeni esihle, olungenza kube lula ukungena nezinto ezingavumelekile ejele.
UNkz Kgomotsho Ramolebeng uqhube ngokuthi ulindele umbiko ovela kuleli jele ngoLwesibili, ozocacisa ngokuzokwenziwa emakhishini, kungaphazamiseki uhlelo lokudla lweziboshwa.
Uveze ukuthi phezu kwalezi zinkinga, kodwa kuningi okuhle okwenzeka kuleli jele okufana nokuqeqeshwa kweziboshwa ngamakhono nesikole esenza kahle, i-Usethubeni.
Khonamanjalo, iWestville ike yaba sematheni ngokuhamba phambili enkohlakalweni yokufaka izinto ezingavunyelwe ngaphakathi.
Lokhu kugqame ngesikhathi ikomidi livakashele amajele aKwaZulu-Natal kuleli sonto.
Phakathi kwamajele abevakashelwe kubalwa (Westville Prison), Pietermaritzburg (Pietermaritzburg Medium Correctional Centre), Kokstad (Kokstad Medium Correctional Centre and eBongweni Super-Maximum Correctional Centre), Empangeni (Qalakabusha Correctional Centre) naseShowe (Eshowe Correctional Centre).
IKZN ibalwa phambili ezifundazweni ezenzweni zokufaka izinto ezingavumelekile ejele.