Izindaba

Kugqame uNdlunkulu obesenyamalele kowoMthayi 

Liyah Mseleku

UBE yimpumelelo umkhosi woMthayi ogujwa minyaka yonke esigodlweni saseMachobeni, eNgwavuma.

Kulo mkhosi oba khona kanye ngonyaka, amakhosikazi, asuke ezokwethula utshwala obenziwe ngesihlahla somganu.

Kabagcini nje ngokwethula lesi siphuzo, kodwa babuye bethule neminye imikhiqizo eyakhiwa ngaso lesi sihlahla.

Okuqaphelekile wukuthi kubonakale uNdlunkulu weSilo uNtokozo Zulu (uKaMayisela) kulo mcimbi kanti noNdlunkulu uMasesi Myeni okunguyena owethulwa njengondlunkulu ophethe isigodlo saseNgwavuma.

UKaMayisela ubesengabonakali emicimbini yasendlunkulu, kanti futhi akabonakalanga nasemcimbini wokuvulwa kwesishayamthetho saKwaZulu-Natal.

Ungene etendeni lezicukuthwane ehambisana nabanye besifazane abasondelene nendlunkulu.

Isilo sincome ukusingathwa kwemikhosi kaZulu eMachobeni eNgwavuma njengesithangami esilekelele kakhulu ekukhucululeni ubundlavini ebantwini.

Oka Mdlokombane uthi ukusungulwa koMkhosi obanjelwa eMachobeni yikhona okulekele ukubhula isihlava sokukhulelwa kwezingane ezisencane eMkhanyakude.

Kwenzeka lo mcimbi nje isengundabamlonyeni namanje eyeSilo okuthiwa sishiye dengwane uNdlunkulu uNomzamo kaMyeni wasesigodlweni engenamoto yokumubuyisela ekhaya ngeledlule.

Kuthiwa kwenzeke ngesikhathi kunenkulumo yesiFundazwe kaNdunankulu waseKZN uThami Ntuli.

Ukushiywa kweNdlovukazi kwenzeke sekuhleliwe etendeni lezicukuthwano lesidlo sokwehlisa inkulumo kaNtuli ebisenkundleni yebhola lombhoxo i-Woodburn eMgungundlovu.

Kulo mcimbi woMthayi kubukeke sekudlulile sebethelelene amanzi.

Umcimbi ubusiswe wukuhanjelwa yizicukuthwane zemikhakha eyahlukene okubalwa kuzona nezikhulu zikahulumeni.

Lo mkhosi ubuhlelwe ngokubambisana kwenNdlunkulu kaZulu, uMnyango wezeMidlalo EzobuCiko namaSiko KwaZulu-Natali oholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula egameni likahulumeni wesifundazwe kanye nomasipala iJozini noMkhanyakude.

Related Articles

Back to top button