
Ubuyise ithemba uNgqongqoshe kwabaphila ngama-ARV’s
UBUYISE ithemba wehlisa namaphaphu uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi mayelana nemishanguzo yokuthithibalisa ingculazi i-ARV.
Uthe iNingizimu Africa iyazithengela ama-ARV ngakho ngeke kuphazamiseke ukuhlinzekwa kwabantu.
UMotsoaledi uveze lokhu emuva kokuthi uhulumeni waseMelika, ehoxise uxhaso lokusiza amazwe lokulwa neHIV, isifo sofuba i-TB, nezifo ezithathelana ngokocansi.
“Ama-ARV siyazithengela kuleli. Uxhaso lwe-Pepfar oluvela eMelika, lusiza ukukhokhela abanye abasebenza ngaphansi kwalolu hlelo. Noma uxhaso lungasekho, ukukhishwa kwama-ARV kuzoqhubeka kuleli,” usho kanje uNgqongqoshe.
Ukusho lokhu ekhuluma ePhalamende njengoba bekunenkulumo mpikiswano ngokuhoxiswa kwalolu xhaso.
“Sandise abasebenzi ezikhungweni obekusebenza kuzona ohlelweni lwe-Pepfar. Sigqugquzela abadla imishanguzo ukuthi bathathe eyezinyanga ezintathu, hhayi njalo ngenyanga. Sihlela nokuthi senyuse izinyanga zibe yisithupha ukuze kwehle umthwalo ezikhungweni zezempilo. Ngale ndlela abantu ngeke baye njalo emitholampilo beyolanda imishanguzo yabo,” kuchaza uMotsoaledi.
Uthe uxhaso lwePepfar belukhokhela abasebenzi abangu-15 000, kubasebenzi abangu-271 606, abasebenza ngaphansi kohlelo lokusabalalisa imishanguzo.
“Abasebenzi abangu-256 042 bakhokhelwa uhulumeni wakuleli. Ngakho bambalwa abasebenzi abaphelelwa yitoho ngenxa yokunqanyulwa kwalolu xhaso unomphela nguTrump.”
Uveze ukuthi bamatasa bafuna abantu abangu-1.1 million, abangayidli imishanguzo yabo kuleli.
“Kumele kushaye uNovemba kulo nyaka sesibatholile, badle imishanguzo yabo. Sizobafuna noma yikuphi ngoba kudingeka beyidlile imishanguzo,”.
Uveze nokuthi behlise isibalo sezingane ezizalwa ne-HIV zafinyelela ku-7 640, uma ziqhathaniswa nezazalwan geminyaka edlule.