
Imbizo kusinda Inkosi idutshulwa
KUBIZWE imbizo ephuthumayo esizweni sakwaXulu eMgobhozi, KwaMunyathi, eVryheid kulandela ukusinda ngokulambisa kweNkosi yesizwe uMzwandile Xulu.
Inkosi iphume ngembobo yenaliti ihlaselwa ngabantu abangaziwa isemzini wayo ngenyanga edlule
Ngokombiko weLanga izinsolo ziveza ukuthi inkosi ihlaselwa nje, kungenxa yombango wokumbiwa kwamalahle kuleya ndawo.
UNdunankulu wesizwe sakwaXulu, uDkt Cedric Xulu unabe kabanzi ngale nkinga yokuhlaselwa kwenkosi.
“Kuyiqiniso ukuthi inkosi isinde idutshulwa. Indaba isuswe wuhlelo lokubuyiselwa komhlaba emphakathini olwenziwa wuhulumeni. Lo mhlaba ucebe ngamalahle ambiwayo, kanti wenganyelwe yisikhwama somphakathi, iMnyathi Community Trust, lapho umphakathi uziqokele wona usihlalo ozowuhola athathe nezinqumo.
“Lokhu sekuholele ekutheni umphakathi ungayihloniphi inkosi. Uzenzela izinto ngendlela yawo ngoba uthi umhlaba wanikezwa wona,” esho.
Uthi ukholwa wukuthi okudale udungunyane esizweni, wukuthi umphakathi unikeze osomabhizinisi igunya lokumba amalahle ngale kwemvumo yenkosi futhi bengenawo amaphepha abagunyaza ukuba bambe.
“Labo somabhizinisi bagcine sebebanga, badubulana bodwa, kwachitheka igazi esizweni kwagcina kungasekho ukuthula. Kulapho sinqume khona ukungenelela njengomkhandlu wenkosi.
“Udaba ludlulele enkantolo, lapho yeluleke khona umphakathi ngokuthi uqoke ikomidi lesikhashana njengoba ebelikhona bese liphelelwe yisikhathi. Kulowo mhlangano kuqokwe uDkt Nduku Xhakaza oyisihlobo senkosi ukuba abe ngusihlalo.
“Akuphelanga zinsuku ezingaki eqokiwe, wadutshulwa, wabulawa esemzini wakhe. Kudlule izinsuku ezintathu kwadutshulwa inkosi, yaphuma ngesamagundane yaze yayolala esiteshini samaphoyisa,” kusho uNdunankulu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile isigameko sokuhlaselwa kwenkosi. Uthi amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala. Bekungakaboshwa muntu.
Imbizo izoba ngeSonto ngomhla ka-9 kwephezulu, lapho kulindeleke bonke abantu bakwaXulu ukuzek udingidwe lolu daba.