Izindaba

Uvuke ngomsebenzi wokudayisa owodumo kwiPirates

UVUKE ngomsebenzi wokudayisa izimoto lowo owayeyisihlabani se-Orlando Pirates.

USteve “Chippa” Lekoelea uqahswe inkampanini iRoar.

ULekoelea, wagcina ukudlala ibhola ngo-2011, uveze ukuthi uyawuthokozela lo msebenzi wakhe omusha yize unezinselelo.

“Ngijabule kakhulu ngokuthola leli toho futhi anginandaba ukuthi abantu bazothini ngoba vele bayohlale bekhuluma. Okumqoka kimina ukuthi uNkulunkulu usanginikile ithuba lokuphila. Njengoba ngimusha kulo mkhakha wokudayisa izimoto sengizitshele ukuthi ngizofunda ngokushesha ukuze ngingene kahle egiyeni,” ucashunwe kanje kwiTimes Live.

Uvumile ukuthi wayengakaze azibone eseziphilisa ngalo msebenzi.

Ngezikhathi zakhe wayengaconsi phansi kubalandeli njengoba waqala ukugqama kwiMoroka Swallows eneminyaka engu-15, wasuka lapho wathathwa iPirates.

Udlale kuma Olympics ango-2000 neqembu lesizwe lika Under 23 nakwiBafana Bafana.

ULekolela ungumdlali wesibili odumile osevumbuke emsebenzi wokudayisa izimoto.

Omunye uKatlego “Killer” Mphela wodumo kwiBafana Bafana, Sundowns, Kaizer Chiefs neSuperSport United.

Related Articles

Back to top button