Izindaba

Uzidalele amazinyo abushelelezi uThenjiwe ehlekisa ngamaZulu

Bahle Mkhize

Uzakhele isigcwagcwa usomahlaya wakuleli uThenjiwe Moseley (46) ehlekisa ngamadoda eseNingizimu Africa ikakhulukazi AmaZulu.

UThenjiwe ubenza amahlaya eNigeria emcimbini abemenywe kuwo. Uyivule ngokuncoma amadoda akhona.

“Kwakuhle ukubona amadoda aseNigeria. Nisenhlanhleni bantu besifazane baseNigeria amadoda wenu wondlekile anemizimba emihle.

“ENingizimu Africa amadoda wakhona akhuluphele ngokweqile. Kwesinye isikhathi uma ubuka indoda yomZulu ikhumulile umane ungazi ukuthi uyenzele umcimbi wokukhulelwa (baby shower) noma noma uyithengele ubra,” usho kanje.

Uqhube ngokuthi amadoda aseNingizimu Africa angamavila.

“Ngingowase Ningizimu Africa, niyazi amadoda wakhona angamavila. Kuyintokozo kimi ukubona abesilisa abamnyama begqoke amasudi beya emsebenzini.

“ENingizimu Africa ungasho izinto ezimbili kuphela kowesilisa ogqoke isudi emnyama yingoba esefike noma evela njengomsolwa,” kuqhuba yena ehlekisa.

UThenjiwe uphinde wagadla kulabo abaphuza utshwala ngokweqile.

“Ngiyazi ukuthi nihlezi nikhalaza ngokuthi abantu baseNingizimu Africa baphuza kakhulu akusilo iphutha lethu kodwa abelungu.

“Kuhle kakhulu ukuba kwelinye izwe lapho bengekho khona.

“Abelungu basifica siziphilela kahle baletha imfundo, ngokothisha wami weChemistry utshwala yisisombululo,” kuqhuba yena.

Umbhali wezincwadi kuleli ohlonishwayo uMnuz Nathi Oliphant umgxekile lo somahlaya wathi kuningi okumele akufunde ku-Innocent Masuku ekubeni inxusa lakuleli.

UMasuku usanda kwenza ezibukwayo eBritain ohlelweni iBritain’s Got Talent waphinde wakhuluma kahle.

UGlen Lewis usanda kukhumbuzisa uSkhumba ukuthi wayehlekisa ngesici sakhe esisebusweni kodwa namhlanje basebenza ndawonye kuKaya FM.

Wamkhuza ukuthi angahambi ehlekisa ngezici zabantu ngoba umhlaba mncane. IPurpose yabika ngalolo daba emasontweni amabili edlule.

Related Articles

Back to top button