Izindaba

Umlingisi ubizwe ngeKaf#$&@ uzakwabo kushuthwa

Sane Mseleku

UMLINGISI onamava uBrenda Ngxoli usola uzakwabo uDavid James ngokumcwasa ngokwebala ngesikhathi kuqoshwa ifilimu “Sew the Winter to My Skin”.

UBrenda usole lo mlingisi ngokumbiza athi “Hey Jou Ka#&@r Meit” ngesikhathi besebenzisana ndawonye kuqoshwa. Ubhale kwi-Instagram wakhe wathi lesehlakalo samphatha kabi kakhulu wazizwa engahloniphekile futhi edelelekile.

UBrenda Ngxoli usola owayengumlingisi we7de Laan uDavid James ngokumcwasa ngokwebala 📸:Social Media 

UBrenda akayisayinanga inkontileka emvimba ukudalula okwenzeka kuqoshwa, uthi yikho ekwazi ukukhululeka akhulume ngokwenzekile.

Ngemuva kwesigameko ube esethola ingcindezi kubameli basemsebenzini akholelwa ukuthi yimbangela yokuthi ayegcina engasaholi ngesikhathi. Echaza uthi ngeke athuliswe ngokumehlele.

Ukholelwa ukuthi ukungaholi ngesikhathi kwabe kuyisigwebo sokuthi akasayinanga inkontileka yokumvimba ukukhuluma ngesehlakalo.

UBrenda uqhubeke wathi ingcindezi abeyithola emsebenzini waze wavezwa njengomuntu oletha izinkinga nohluphayo kodwa abasolwa bephathwa kahle.

Ubeke nokuthi uma ebeka umbono buvele ushawe indiva nje bangamnaki.

UBrenda uveze nokuthi sekube namahebezi okuthi uzisondeze komunye wabalingisi emsebenzini emuva kokuthi ebike ukuthi omunye wabalingisi besilisa umthinte amathanga ngesikhathi kuqoshwa kodwa kwaphendulwa inkulumo kwasolwa yena ngoba bevikela umsolwa nokuthi.

UBrenda kuze kube imanje uphatheke kabi okwamehlela nokuthi kungathathwa zinyathelo kodwa kuvikelwe abasolwa.

Related Articles

Back to top button