Izindaba

Ingonyama yamaZulu ibhonga ngokuxoshwa kweNyosi yayo

 

Aphe Gcwabe 

INGONYANA yamaZulu uMisuzulu kaZwelithini isibhongile kulandela ukuxoshwa kweNyosi yaso uMnuz uBuzetsheni kaSombila Mdletshe.

ISilo sithembise ukuthi sizoyalela uNdunankulu kaZulu, uMnuz Thulasizwe Buthelezi ukuthi kwenziwe izaba.

Ngokwencwadi evela kuhulumeni ehhovisi likaNdunankulu esabalele ngoMsombuluko, inkontileka kaMdletshe izonqanyulwa ngo-Ephreli 30, isizathu kuthiwa ukushoda kwenkece. Inkontileka kaMdletshe bekufanele iphele ngo-2025.

Incwadi evele ehhovisini leNgonyama izwakalise ukudumala ngesenzo saHulumeni oholwa i-ANC esifundazweni.

“UMnuz Mdletshe useqhulwini ezintweni eziningi okuhlanganisa nemicimbi eyenzekayo eNdlunkulu. Phakathi kweminye imisebenzi kubalwa ukuthelwa kwamanzi okwenziwa uma iSilo esisha sihlala esihlalweni. Umkhosi wokweshwama neminye eminingi. ISilo sidumele ngendlela uhulumeni wakwaZulu-Natal enza ngakhona izinto. Wenza sengathi iSilo asikho kwanhlobo. Ingonyama isiyalele uNdunankulu kaZulu ukuthi aqinisekise ukuthi bayamgcina uMdletshe eNdlunkulu,” kubhalwe kanje encwadini.

UMdletshe usebe yingxenye yombuso kaZulu kusukela ngo-1977 ngokwethembeka. ISilo encwadini siveze ukuthi konke lokhu okwenzekayo kuyinhlamba esizweni sikaZulu.

Abaningi basola ukuthi uMdletshe wazakhewa isigcwagcwa ngesikhathi sezidubedube kwaCeza uSihlalo we-ANC kwaZulu-Natal, Mnuz Siboniso Duma, owayephethe uhlelo ephuca uNdunankulu kaZulu umbhobho esakhuluma. UMdletshe wenqaba ukwethula noma ukusukumisa iSilo njengoba athi kunemigudu elandelwayo. NoDuma wathi uhulumeni unamandla.

Related Articles

Back to top button