Izindaba

I-ANC ilidlulisela phambili icala lelogo negama leMK

Aphe Mkhize

UNOBHALA jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, uthi bazosiphonsela inselelo isinqumo seJaji. Usho kanje kulandela ukunqoba kweMK Party eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoMsombuluko.

I-ANC ithi igama nomkhonto ngokwayo ngalokho uZuma akanalungelo lokukusebenzisa. Amaqabane akholwa ukuthi uMnuz Jacob Zuma usebenzisa amagugu wabo ukwakha iqembu eligadla ku-ANC.

“Abameli bethu bazolucubungula lolu daba. Asinankinga noZuma ukuthi abe khona emabhokisini okuvota njengoba anqoba enkantolo. Thina silwela igama le-MK nelogo ngoba sikholwa ukuthi ingenye yamagugu wethu. Asikwazi ukuhlala sigoqe izandla kumele sikulwele lokho. Abemmeli bazobona ukuthi lungasheshiswa kanjani lolu daba ngoba asihlehli,” usho kanje.

Isicelo se-ANC sichithwe nezindleko zaso. Isinqumo sikhishwe ngoMsombuluko ekuseni.

Bekuyinjabulo yodwa kumalungu eMK abethamele icala kwethulwa nesinqumo.

UMnuz Jabulani Khumalo owabhalisa ngokusemthethweni iMK, uthe kuntwela ezansi njengoba benqobile.

Uthe sebezogxila emkhankasweni wokhetho.Leli yicala lesibili lapho iMK ihlula i-ANC. Icala lokuqala lalithethwa eNkantolo yezoKhetho, lapho i-ANC yayifuna kukhishwe iMK ohlwini lwamaqembu angenele ukhetho.

Ukhetho lukazwelonke kuleli luzobanjwa ngoMeyi 29 kanti kulindeleke ukuthi abantu baphume ngobuningi babo.

Related Articles

Back to top button