
Uhleka yedwa uMakete wePlease Call Me
Sane Mseleku
Sekuwumlando ukuthi inkampani yamaselula kwaVodacom nomsunguli wePlease Call Me uNkosana Makate, bagcine besayine isivumelwano.
Abazazi kancono bathi cishe imali engango R748m uMakete angase ayihlomule.
Lempi ibisibambene iminyaka engu-18 engekho ofuna ukugoba uphondo.
Akubuzwa ukuthi lesi sivumelwano sizobashaya kancane kwezezimali kwaVodacom nokho izibalo eziqondile zizokwaziwa kahle ngoMsombuluko.
Eminyakeni edlule kube nempikiswano mayelane nowayewumsebenzi wakwa Vodacom, ukuthi wayiqala yini iPlease Call Me.
Kulapho ke uMakete elwe khona nethimba labammeli ukuze kutholakale ukuthi ukweletwa malini ngomsebenzi wakhe.
IJSE ishilo ukuthi isivumelwano sibekhona. Enye yesivumelwano sabo sidluliselwe eSupreme Court of Appeal lapho kwaphikwa iscelo sakwaVodacom.
Kwaphinda kwahanjiswa isaziso sokulaxaza isinqumo saFebruwari-8 2022.
NgoFebruwari uVodacom wafaka isicelo sokubuyekezwa kwesinqumo sokuthi inkantolo yanquma ukuthi uMakate anikwe i-okuncono.
Isinqumo saveza izindlela ezimbili zokukhokhela uMakate, enye yesinqumo seSCA sathi akakhokhelwe uR186m, lapho esinye sithi makakhokhelwe uR29bn ngomsebenzi wakhe.



