Izindaba

Ligwetshwe laphucwa nesibhamu iphoyisa lesitifiketi somgunyathi

Lizidonsele amanzi ngomsele iphoyisa Eric Nyadzani Ravhura (43) elasebenzisa isitifiketi sikaMatric somguntathi ukuze liqashwe.

Ngokuka Brigadier Hlulani Mashaba okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uthi inkantolo yalela ubufakazi ngoSeptember 2019 ukuthi iSAPS yaveza izikhangiso zomsebenzi ngonyaka ka-2020.

Kwakudingeka nje ukuthi ube nestifiketi sikaMatric noma iziqu zeNQF Level 4.

“Umsolwa obekade esebenza njengetoho (reservist) emaphoyiseni wafaka isicelo njengabo bonke kanti isitifiketi sakhe ngesomgunyathi”

“Waqashwa wase efakwa ohlelweni lokuqeqeshwa, ngokuhamba kwesikhathi waqashwa njengo Costable,” kusho uMashaba.

NgoJune 2021 kwase kuqala uphenyo ngabe South African Qualifications Authority (SAQA) neyathola ukuthi isitifiketi esathunyelwa sabe siwumbombayi.

“Lesi senzo sokukhwabanisa saba nemiphumephumela engemihle nokwenza ukuthi iSAPS igcine ilahlekelwa izimali eqeqeshwa noma eseqashiwe eholelwa,”

“Kwabe sekuvulwa icala ladluliselwa kwiProvincial Anti-Corruption Unit ukuze baqhubeke nophenyo,” kwengeza uMashaba.

Kwagcina kuthunyelwe idokodo kuDirector of Public Prosecutions (DPP) nokwaholela ekuboshweni kwaRavhura.

Nebala lagcina litholakele linecala ngomhla ka-27 October leli phoyisa ePolokwane Specialised Commercial Crimes Court.

Libe seligwetshwa unyaka ejele noma likhokhe uR30 000 nombandela wokuthi angatholakali enecala elifana naleli eminyakeni emihlanu.

Ngaphezu kwalokho kwatholakala ukuthi akakulungele ukuthi angaphatha isibhamu.

UMajor General Jan Scheepers, oyi-Acting Provincial Commissioner yamaphoyisa eLimpopo, usamukelekile isigwebo.

Related Articles

Back to top button