Izindaba

Ubekwe endlini yakhe yokugcina uTito Mboweni

OWAYENGUMBUSI wokuqala we-South Africa Reserve Bank ngaphansi kwentando yeningi uMnuz Tito Mboweni ungcwatshwe eduze nalapho azalelwa khona eSasekani ngaphambi kokuthi umndeni ufuduke.

Izinkulungwane zabantu zihlangane ngaphansi kwelanga ebelikhipha umkhovu etsheni eNkowankowa Stadium ngaseTzaneen, eLimpopo, ngoMgqibelo zizovalelisa kuTito Mboweni.

UMengameli Cyril Ramaphosa obeyisikhulumi esiqavile ubize uMboweni “ngenkanyezi ekhanyayo” njengoba abuyela emsebenzini womphakathi ngesikhathi iNingizimu Afrika ibhekene nokuthathwa kwamandla ombuso.

“Kimina, ubeyinkanyezi ekhanyayo. Wakhanyisa kakhulu ngesikhathi izwe lethu libhekene nokudunwa kombuso. Wayesewushiyile umkhakha kahulumeni ngesikhathi ngimcela ukuthi abuye azosebenzela abantu bezwe njengoNgqongqoshe wezeziMali.

“Nakuba ayegxile ekwakheleni umndeni wakhe ifa futhi engasafuni ukuba ukusebenzela umphakathi, ngemva kwesikhashana wavuma futhi lokhu kwangibonisa ukuthi sasibhekene nomshisekeli weqiniso.

URamaphosa uphinde waxoxa ngezikhathi ezinhle zokudoba ama-trout enoMboweni.

UNkateko Mboweni, indodana kaTito, ukhulume ngendlela azokhumbula ngayo izikhathi enoyise, ikakhulukazi indlela ayehlale elalela ngayo lapho uNkateko edinga ukukhuluma.

UNdunankulu waseLimpopo uDkt Phophi Ramathuba uthembise ukulungisa iBhodweni Primary School, lapho uMboweni aqale khona imfundo, njengesikhumbuzo sakhe.

Inkundla ibigcwele abantu abebegqoke imibala ye-ANC, abebecula izingoma zomzabalazo beshaya nezandla ngesikhathi kufika ibhokisi likaMboweni nangesikhathi uRamaphosa egibela esiteji.

Izikhulu ezigqamile ebezikhona kubalwa owayenguMengameli uThabo Mbeki, owayeyiPhini likaMengameli uDavid Mabuza, uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi, umholi we-EFF uJulius Malema, nowayengumkhulumeli we-ANC uPule Mabe, abebezihlalele ngemuva kwetende

Scrolla.Africa

Related Articles

Back to top button