
Kumuncu oKhozini FM kwesula umphathi
INHLANGANO esakaza ngomoya iSABC isifisele umphathi wezinhlelo oKhozini FM uPearl Maseko-Binqose indlela enhle.
Lokhu kuza emuva kokusabalala kwezindaba zokushiya kwakhe kulo msakazo asebenze kuwo unyaka owodwa.
Abazishwashwathayo bathi bekungasebenzeki phakathi kwakhe nomphathi wakhe uSbongi Ngcobo.
UMmoni Seapolelo okhulumela iSABC ukuqinisekisile ukuthi bayitholile incwadi kaPearl ezwakalisa ukushiya kulo msakazo.
“Njenge SABC sithanda ukubonga uPearl Maseko-Binqose ngomsebenzi awenzile kule nkampani futhi simfisela okuhle kodwa lapho aya khona,” kuchaza uMmoni.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi uSbongi Ngcobo usolwa ngokwengamela yonke into, agxambukele nasezindaweni eziphethwe abanye ozakwabo okuyinto okuthiwa yenza abanye abaphathi bangakwazi ukulawula izinhlaka zomsebenzi abaziphethe.
Kuthiwa eya ekhefini lokuyobeletha ushiye uhide lwe-email lapho abeveza khona ukungajabuli kwakhe ngendlela angawenzi ngayo umsebenzi wokuthatha izinqumo othinta izinhlelo nabasakazi.
“Inkinga kaSbongi ufuna ukuphatha yonke into ayenze yena, yize kukhona abantu abaqashelwe lokho. UPearl uke wakhala eya ekhefini lokubeletha emtshela ngendlela angajabule ngayo namsebenzisa ngayo. Kwathi uma uPearl ebuya baba nomhlangano wokubonisana ukuthi bangasebenza kanjani ukuya phambili. Kodwa isimo kusuka lapho asibanga ngcono kunalokho izinqumo ezinye okwakumele zithathwe uPearl, uSbongi uyena okwase kubonakala ezithatha aze azimemezele ngaphakathi,” kuchaza umthombo.
USbongi unxuse ukuthi kuthintwe iSABC ngoba yena akakhulumi nabezindaba.
UPearl uvele waphela ihlaya wanxusa ukuthi intatheli nemithombo yayo ingayidukisi ngalolu daba ngoba yena usengumsebenzi woKhozi FM.