Izindaba

Ligqashukile ifindo lomshado kucaptain wamaSpringbok nomkakhe

Bahle Mkhize

LIGQASHUKILE ifindo lomshado phakathi kwakapteni wamaSpringbok uSiya Kolisi nobengunkosikazi wakhe uRachel.

Bese beshade iminyaka eyisishiyagalombili. Baveze lezi zindaba ezithuse abaningi ngesitatimende abasinameke emakhasini abo ezinkundla zokuxhumana ngoLwesibili ntambama.

“Kunezindaba ezibalulekile esifisa ukunixoxela zona. Emuva kokuhlala phansi sibonisane sifike esivumelwaneni sokuhlukanisa. Sikwenza lokho ngenhlonipho nothando nokuqonda kabanzi ukuthi lokhu kusilungele sobabili. Yize ubudlelwano bethu buzoshintsha kodwa singabangani sizibophezele futhi ukuthi sikhulise izingane zethu ngothando nokunakekeleka ebezivele zikwazi,” kusho isitatimende.

Baveze ukuthi basazoqhubeka basebenze ngokubambisana kwiFoundation yabo ngoba isho lukhulu kubona.

“Siyakujabulela ukuthi niyasiqonda isimo nisinika nothando nokuseseka nje. Sicela nje nisinike inhlonipho kulesi sikhathi sisazama ukwamukel isimo,” kuphetha isitatimende.

USiya noRachel babusiswe nendodana nendodakazi uNicholas Siyamthanda ozalwe ngo-2015 nendodakazi uKeziah ozalwe ngo-2017.

Ligqashuka igoda nje uSiya usanda kubuya lapho ekade edlala khona eFrance. Ubuyele kwiqembu lakhe lakudala iNatal Sharks.

Related Articles

Back to top button