Kucishe izibani kwiBhakabhaka iMagesi ingenhla ngenduku
IQEMBU laseLimpopo, elingomakoti kwiligi enkulu, belibukwa njengezimvu zomhlabelo kulandela ukuqhathwa nePirates kwiCarling Knockout kodwa laphendula amatafula.
IMagesi ifana nokuthi ifike e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama yashipha kudliwa ngesikhathi ibhaxabula iPirates ngo 3-2.
Leli qembu, elicijwa umakadebona onguClinton Larsen, liyivove yonke inkani iPirates okungenzeka ukuthi ibilithathe kancane.
Indlela abesihlele ngayo isikimu sakhe uJose Riveiro besikhombisa ukuthi kukhona afisa ukukubona njengoba ebehlanganise abadlali abangajwayele ukudlala ndawonye.
Nebala ukubonile okwabonwa uSawuli waseBhayibhelini, iMagesi yamvulela isahluko esisha ihlaza ezakhe ngokuzibhulisa amazolo.
Amagoli eMagesi angene ngesiwombe sokuqala.
Bekungumzuzu ka-32 ngoDelano Abrahams abamshiye engamakiwe, wazingqofela kalula ibhola ebeligotshwe kwesokunxele.
Uthe isathuswe yilokho iPirates, uThabiso Sesane washaya ibhola elibe umkhonto ogwaza ekhaya kulandela umnyakazo omuhle weMagesi.
USesane uphinde waba neshwa ewisa uDeolin Mekoa ebhokisini langakubo, kwaba yiphenati.
Ishaywe u-Edmore Chirambandare, walivimba uSipho Chaine kodwa labuyela kuye uChirambandare, walingqofela enethini.
IPirates izame konke ngesiwombe sesibili futhi elokubika ekhaya lize lavela ngomzuzu ka-86 ngoKabelo Dlamini.
Iphinde yathola elesibili kusaphele imizuzu emibili, lishaywa u-Evidence Makgopa.
Ngemuva kwalokho iPirates incishwe iphenathi u-Elvis Chipezeze ewisa uPatrick Maswanganyi ebhokisini.
Lisenethini.co.za