Ezemidlalo

Amakhosi ajabulile!

AMAKHOSI aqhubeke nokukhombisa izimpawu zokuvuka emaqandeni emdlalweni weCarling Knockout obusePeter Mokaba Stadium ePolokwane ngoMgqibelo ebusuku.

IKaizer Chiefs ikwazile ukumelana nengcindezi abeyifakwa yiSuperSport United ikakhulukazi ngasekuqaleni komdlalo, agcina elithole kuqala igoli.

Leli goli elishaywe uGaston Sirino ngomzuzu ka-33 lehlise ingcindezi kuMakhosi, layibuyisela kwiSuperSport.

Ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili, ukaputeni weChiefs uYusuf Maart ushaye elesibili, elenze sehla kakhulu isisindo kwezakhe.

URanga Chivaviro, obesehlulwe amathuba ambalwa wagcina esehhahhanyezwa abalandeli abebefuna ashintshwe, ushaye elesithathu ngomzuzu ka-73.

Uthe uma ejabulela igoli, wenza uphawu lokutshela abalandeli ukuthi abaqhubeke bakhulume phela.

Nokho ozakwabo basheshe bamvimba, uSamkelo Zwane egibela kuye, embamba nezandla.

ILisenethini.co.za ibike ukuthi igoli lesine lingene sekubalwa amanenjana umdlalo uphele, lishaywa u-Ashley Du Preez.

ISuperSport iqede umdlalo ingasaphelele kulandela ukukhishwa kukaGape Morelo ngekhadi elibomvu sekusele imizuzu eyishumi umdlalo uphele.

Nokho uphume bese kuvele konakele njengoba bese bevele belandela emuva ngo 3-0, futhi sekucacile ukuthi selugobile uphondo ngakubo.

 

Related Articles

Back to top button