Kwanda isibalo sababoshelwa ukufa kwabantu (18) eLusikisiki
Bahle Mkhize
SEKUPHINDE kwaboshwa abasolwa ababili ngecala lokubulawa kwabantu abangu-18 eNgobozane eLusikisiki.
Ngokombiko wamaphoyisa laba basolwa babanjwe emzini oseFlagstaff okuyindawo engekude neLusikisiki ngoLwesine ebusuku.
Ngesikhathi bebhadanywa bebehuqa ubuthongo kanti baboshwe nezinhlokohlela zezibhamu okukholakala ukuthi yizona ezasetshenziswa ngesikhathi kubulawa abantu.
Phakathi kwezibhamu ezivundululwe amaphoyisa kubalwa ama-AK47 automatic rifles amathathu ne-243 Steyr Mannlicher rifle.
Okhulumela amaphoyisa, uBrigadier Athlenda Mathe: “Uphenyo lokuqala lukhomba ukuthi izibhamu zithuthelwe kwenye indawo ngemuva kokubulawa kwabangu-18 eLusikisiki. Kuboshwe abasolwa ababili ngokutholakala nalezi zibhamu.”
Ukuboshwa kwalaba kubeka isibalo sababoshiwe kwabayisikhombisa kulandela ukuboshwa kwabane ekuqaleni kwaleli sonto.
IPurpose ibike ngabasolwa abathathu ababoshwe emjondolo waseMkholombe, ePort Shepstone, owesine wabanjwa e-East London.
Laba bazovela enkantolo yeMantshi eLusikisiki ngoLwesihlanu.
Laba solwa baneminyaka engu-22, 24 no-31 batholwe becashile ezintatha ngoLwesithathu emijondolo yaseMkholombe, ePort Portshepstone, eningizimu nesifundazwe sakwaZulu-Natal.
Kulesi sehlakalo kwasocongwa abantu besifazane abangu-15 kanye namadoda amathathu.
Emzini wokuqala kwabulawa abantu abane kwangasinda muntu.
Esehlakalweni sesibili bekunabantu abangu-19 abebekade belele emzini ose-NU2, abangu-13 babo badutshulwa bashona.
Kwasinda abantu abayisithupha okungabantu besifazane abane nowesilisa owagcina ngokushona esibhedlela.
Kulesi sehlakalo kwasocongwa abantu besifazane abangu-15 kanye namadoda amathathu.
Emzini wokuqala kwabulawa abantu abane kwangasinda muntu.
Esehlakalweni sesibili bekunabantu abangu-19 abebekade belele emzini ose-NU2, abangu-13 babo badutshulwa bashona. Kwasinda abantu abayisithupha okungabantu besifazane abane nowesilisa.




