Izindaba

Omunye uNdlunkulu KwaZulu obeganile?

ISEMATHENI eyeSilo uMisuzulu kaZwelithini eyokuthi uzolobola intokazi (20) asike yagana yathola nezinyane ebukhosini bakwaSikhakhane.

Omana lapha ngikuxoxele babikele uMkhaya ukuthi iSilo sesimbatha ngubo yinye noSihle Mdluli odabuka esifundazweni eMpumalanga.

Eminye imibiko ithi uSihle uzalwa ebukhosini bakwaMdluli kanti bese kuphele amasonto amabili igoye ezigodlweni zeSilo.

Lowo omele iSilo endlini yabaholi bendabuko esifundazweni saKwaZulu-Natal, uMntwana Gumbela Zulu ukuqinisekisile ukuthi indlovukazi yayikhona emkhosini osanda kwenziwa wokweshama eMashobeni, enyakatho yesifundazwe.

Kuthiwa futhi ngaleso sikhathi wethulwa eNdlunkulu.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi iSilo sinoNdlunkulu omusha, oyindlovukazi ephuma emndenini wasebukhosini oseMpumalanga,” kusho yena.

Ikhuluma nabezindaba iNkosi M.I. Mdluli yakhona eMpumalanga ithe izingxoxo mayelana nondlunkulu zisesigabeni esiphezulu nokho ayithandangana ukwenaba kabanzi ngalolu daba.

Kuzokhumbuleka ukuthi kuvela lezindaba nje kuningi okwenzeka eNdlunkulu njengoba kuhlehle umshado obekumele ube ngoJanuary phakathi kweSilo noNdlunkulu wesithathu, uNomzamo Masesi Myeni.

Ngakolunye uhlangothi uNdlunkulu wokuqala, uNtokozo Mayisela waya enkantolo eyomisa umshado kaMaMyeni neSilo ebeka ukuthi uyena okumele awubusise.

Sekusele izinsuku kufike usuku lo mshado weSilo noMaMyeni kqavele kwaphutshuka incwadi ebibhalwe iSilo ibheke kumqondisi jikelele esifundazweni saKwaZulu-Natali simyalela ukuba ahoxise ngokushesha uhlelo lwezokuphepha obeluzohlinzekwa uMaMyeni.

Izazi zezamasiko ziphawulile ngesiga sokuhlehla komshado weSilo. USolwazi Musa Xulu waveza ukuthi akuyona into eyenzekayo ukuba umshado uhlehle futhi akubukeki oweSilo usazoqhubeka.

“Njengoba kusho isisho sesiZulu ukuthi umshado awuhlehli, akubukeki usazobakhona lona,” kusho uSolwazi Xulu.

Kuthiwa iSilo sajuba ithimba laseNdlunkulu kaZulu ukuba liye emzini wakwaMyeni nenkomo ngenhloso yokushweleza ngechilo lokuhlehla komshado.

Related Articles

Back to top button