
Ibhubhisile imvula eKZN
Phila Luthuli
SENYUKELE kwabayisithupha abantu abashonile ezindaweni ezahlukene ezingaphansi kwaMasipala weTheku.
Lo zamculo uqale ngoLwesibili kwaze kwaba uLwesithathu.
Isitatimende esikhishwe uMkhandlu weTheku sikhonbe ukuthi phakathi kwabantu abashonile kubalwa owesilisa oneminyaka engu-45 nowesifazane oneminyakanga engu-41 okuvele ukuthi bacindezelwe wudonga lwendlu abebekuyo ngesikhathi kwenzeka lo mshophi.
Umfana oneminyaka ewu-13 waseFolweni namantombazane amabili aneminyaka ephakathi kuka-12 no-13 eyodwa yaseDamat nomunye waseNsimbini nabo kubikwa ukuthi bashonile.
Le mvula enamandla ishiye kukhalwa ezingxenyeni ezahlukene KwaZulu-Natal.
Umndeni wakwaMsomi e-Adams awusalanga ngaphandle njengoba nawo ulinyalelwe amaliba amane aguguleke ahamba namanzi ngesikhathi imvula iyidliva ebusuku bangoLwesithathu.
Irenki yamatekisi namabhasi eNewcastle yona igcwale amanzi.
Amanye amabhizinisi awavulwanga ngoLwesine ngenxa yokwesaba ukwanda kwezikhukhula edolobheni.