Izindaba

Lihlehlile elikaNjom’s oboshelwe amacala anzima

Liyah Mseleku

Lihlehlele umhla ka-3 December kulo nyaka icala elibhekene nomnikazi wenkampani yonogada iNjoms Security uMnuz Bruce Mhlongo.

NgoLwesine ummeli kaMhlongo utshele inkantolo ukuthi umsolwa nguye owondla umndeni.

Kuvele nokuthi selokhu aboshwa abasebenzi bakhe abakaze bahole.

Ummeli uphinde wagadla ngelokuthi izingane zakhe azikhokhile esikoleni njengoba esejele.

Elinye lamaphuzu ummeli awabekile wukuthi kunendawo asanda kuyivula uMhlongo yokuhlumelelisa isimilo kumaphara.

Uthi kungenzeka igcine ivaliwe uma engaphumi nokuthi abukho ubufakazi bokuthi angasabisa ofakazi noma abalekele icala.

UMhlongo udume eMgungundlovu, namaphethelo ngomsebenzi wakhe wokulwa nezigebengu.

Uboshelwe izinsolo zokubulala uthisha uMnuz Thabani Innocent Zondi owadutshulwa ngentululwane yezinhlamvu esemotweni yakhe KwaPata ngo-2022.

Uvele okokuqala eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu ngomhla ka-17 October, lahlehlela umhla ka-30 October.

Izibhamu zenkampani yakhe zashaqwa ukuyophenywa ukuthi azithinteki yini kwamanye amacala angase athweswe wona okubulala, ukuzama ukubulala nokubamba inkunzi kuhlonyiwe.

 

Amacala engeziwe wabekwa elinye usolwa ekufeni kwabantu ababili, oyedwa wabo wayenguSihlalo wamatekisi nelinye lapho esolwa ngokubulala izingane ezimbili..

Umseshi wamcindezela ngelokuthi umsolwa ubegqekeza emzini yabantu baseMgungundlovu bese etshela ‘amasela’ ukuthi ahambise impahla kuye kube sengathi usebambe izigilamkhuba.

Ngosuku ayefake ngalo isicelo sebheyili kwengezwa amanye amacala kuye.

Related Articles

Back to top button