Izindaba

Kuchitheke izishebo esikoleni somgunyathi kufika izikhulu

Iphini likaNgqongqoshe uMimmy Gondwe litheleke esikhungweni semfundo ephakeme Umhlabuhlangene School Of African Medicine kwachitheka izishebo.

Ubehambisana nenhlangano i-South African Qualifications Authority (SAQA), izikhulu zikaMaspala i-Alfred Duma kanye namaphoyisa e-SAPS.

Lesi sikhungo sizinze enkabeni yedolobha eMnambithi.

Ekufikeni kukaGondwe kulesi sikhungo, uthole ukuthi akekho umsunguli nomphathi waso.

Uthole owesilisa ozichaze njengesisebenzi wamlandula umphathi ambize ngoShabalala obengekho.

Ngokombiko woThukela News uma etholakala ocingweni uShabalala, uvumile ukuthi usebenza ngokungemthetho, unabafundi abangu-150.

Aphinde akhiphe iziqu ezingekho emthethweni ngokokugunyazwa wuMnyango wezeMfundo ephakeme kuleli.

Ube eseyalelwa ukuthi avale ngokushesha, kuleli hhovisi kutholakale ukuthi lesi sikole sineziqu mbumbulu ezisuka kuDiploma, kuze kuyoshaya kuPhD.

Imali ekhokhwayo iqala kuR8 500 kuze kuyoshaya kuR18 500, kuhluke ngokuthi ufundela ziphi iziqu.

Iphini likaNgqongqoshe libe seledlulela esiteshini samaphoyisa eMnambithi nokuyilapho livulele khona icala umsunguli nomphathi walesi sikole.

UGondwe, ube esexwayisa abantu ukuthi bahlole izikole abafunda kuzo ukuthi zibhalisiwe yini ngokusemthethweni ukuze bagweme ukuqolwa.

Related Articles

Back to top button